Izakhamizi zisomele amanzi ezawathenjiswa eminyakeni eyishumi 

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

Izakhamizi ezikhungathekile zase-Giyani e-Limpopo seziphendukele embhikishweni ukuze zizwakalise ukucikeka kwazo ngokuntuleka kwamanzi ezathenjiswa ukuwathola eminyakeni eyishumi edlule.

Sebephendukele ekuvaleni imigwaqo engenela enxanxatheleni yezitolo yase-Giyani ngamatshe nezinto ezivuthayo.

“Kubukeka sengathi ulimi oluqondwa uhulumeni wethu umbhikisho,” kusho u-Irene Maluleke oyisakhamuzi sase-Dzingidzing.

“Sikhathele ukuhlupheka nokulinda ize. Angiyena uchwepheshe kodwa angikholwa ukuthi iphrojekthi elula yamanzi ingathatha iminyaka engaphezu kweyishumi ukuphothulwa. Sekuyisikhathi eside kakhulu, futhi okubi kakhulu ukuthi baqhubeka nokusinika ithemba elingamanga.”

Ngasekuqaleni konyaka, iziphathimandla zamanzi zathembisa abantu basesigodini sase-Giyani ukuthi bazoqala ukuthola amanzi ngohlelo luka-R3.5 billion e-Giyani-Nandoni ekuqaleni kukaNhlangulana. Kodwa namanje lokho akukenzeki. 

Ngesikhathi uMnyango kazwelonke wethula uhlelo lokusebenzisa amanzi ngobuningi e-Giyani-Nandoni ngo-2014, izakhamizi zathenjiswa ukuthi maduze zizoqala ukuthola amanzi. Ngemuva kweminyaka eyishumi, izakhamuzi zisalindile.

Isethembiso sakamuva esingenalutho senziwe ngowayenguNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uSenzo Mchunu, othe lolu hlelo luzophothulwa ngaphambi komhlaka-15 kuNhlaba kanti izakhamizi zizoqala ukuthola amanzi ekuqaleni kukaNhlangulana.

Selokhu ekuqaleni kwango-2014, iphrojekthi ibambezelekile. Ngesinye isikhathi, yamiswa ngokuphelele ngenxa yezinsolo zokuphatha budedengu kanye nenkohlakalo, nakuba iziphathimandla zamanzi zingazange ziyiveze ngokugcwele imininingwane.

Sekuyiminyaka izakhamizi zase-Giyani zithembele ekuthengeni amanzi kwezinye izakhamizi ezinama-boreholes, ngesikhathi labo abangakwazi ukwenza lokho besebenzisa amanzi angcolile emifuleni nasemifudlaneni yendawo.

UNelson Chauke oyisakhamuzi sase-Bode, wabelane ngentukuthelo yakhe. 

“Ngike ngizibuze ukuthi kungani sivota ngoba labo sopolitiki abasiniki ngisho namanzi. Sekuyiminyaka silindile, futhi unyaka nonyaka, sitshelwa indaba efanayo, maduze sizoqala ukuthola amanzi, kodwa lutho,” kusho uChauke.

Okhulumela uMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uWisane Mavasa uthe: “Sisebenza (senza isitatimende) ngesitatimende sabezindaba … futhi sizokwabelana ngaso nani uma sesilungile.”

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zase-Giyani zisaqhubeka nokudonsa kanzima ngenxa yokuntuleka kwamanzi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva