Izakhamizi zisola ugqamcishi ngokusha kwemizi yazo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Imindeni engaphezu kuka-20 emijondolo yase-Europe, eKapa ​​isale dengwane ngeSonto ntambama ngemuva kokuqubuka komlilo okusolwa ukuthi uhlobene nokucishwa kukagesi kanti imijondolo yabo iphenduke imilotha. 

Ngesikhathi i-Scrolla.Africa sifika endaweni yesigameko, amalungu omphakathi abezama ukwakha kabusha imijondolo yawo esebenzisa bona othayela babo abashile.

USiziphiwe Mkhontwana (32) obesendaweni kamngani wakhe ngesikhathi ezwa ngokusha, uphuthume ekhaya ukuze ahlenge izimpahla zakhe, kodwa umlilo ubusumningi lakhulu.

“Angikwazanga ukonga lutho ngoba ngifike umlilo ungasalawuleki,” kusho uMkhontwana.

“Besingenawo ugesi. Abebelapha bezwe umsindo omkhulu wokuqhuma kwesigubhu sikagesi nokubangele umlilo. Ukube ayikho inkinga yokucishwa kukagesi ngabe sisenazo izindlu zethu.”

Izakhamuzi zikholelwa ukuthi isigubhu se-prepaid meter siqhume ngesikhathi ugesi ubuya ngamandla ngemuva kokucishwa kwawo.

UNksz Bongiwe Magoda (39) usale engenalutho ngaphandle kokuthi acele abanye abantu indawo yokulala nezingane zakhe.

“Anginayo imali yokuthenga izinto zokwakha kabusha umjondolo wami, nezinto ezishile zindala kakhulu ukuthi ngingazisebenzisa,” kusho uMagoda.

Izakhamuzi ezishelwe imijondolo zinethemba lokuthi uhlelo lokucisha kukagesi oluzosetshenziswa ukuze kunqandwe ukubhidlika kwe-grid lungaxazululeka njengoba luqhubeka nokuletha ingcindezi kanye nomonakalo ezimpilweni zabo.

“Umuntu akasoze aqaphela ngokwanele uma kukhulunywa ngogesi. Kumele ucime zonke izinto ezisebenza ngogesi uma nje ugesi ucisha, kodwa noma kunjalo kuyenzeka kushe,” kusho uMagoda.

Izakhamuzi ezithintekile zizwakalise ukuzimisela kwazo ukwamukela noma yiluphi usizo olutholakalayo.

“Sizolwamukela noma yiluphi usizo esingaluthola emphakathini,” kusho esinye isakhamuzi.

Ephendula ucingo oluphuthumayo, uJermaine Carelse okhulumela i-City’s Fire & Rescue Service udalule ukuthi lesi sigameko sibikwe ngehora lesine ngeSonto.

Abezicishamlilo baseGugulethu, e-Belhar, nase-Epping bafike ngokushesha endaweni yesigameko bekhiphe izimoto ezintathu zokucima umlilo, amathangi amanzi amabili kanye nemoto yokutakula. Ngenhlanhla, abekho abantu abalimele ababikiwe.

Izakhamizi zicela kusukunyelwe ngokushesha lolu daba, kungagcini nje ngokunqanda ukuqubuka kwemililo kodwa kwehliswe umthwalo ezimpilweni zazo zansuku zonke nokuhlinzekela imindeni yabo indawo ephephile.

Isithombe esingehla: Izakhamuzi zasemijondolo yase-Europe eKapa ezisale dengwane ngemuva kokuqubuka komlilo endaweni

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva