Izakhamizi zisola inkampani ngokukhetha iphela emasini 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Isimo sishubile phakathi kwezakhamuzi zase-Nelson Mandela Bay ezingasebenzi kanye nalabo abababiza ngabantu bangaphandle ngenxa yokuthi baqhamuka kwezinye izifundazwe.

I-Nelson Mandela Bay Community Forum isola i-Coega Development Corporation (CDC) ngokuqasha abantu abavela kwezinye izifundazwe ekubeni abantu bendawo bengasebenzi behleli emakhaya. 

NgoLwesihlanu, amalungu e-forum amashele e-City Hall afike anikeza iMeya yase-NMB uRetief Odendaal izinsuku eziyisikhombisa ukuthi avale yonke imisebenzi yase-Coega ukuze kwenziwe uphenyo.

Isigungu se-forum sithe le mashi ilandele izingxoxo ezimbalwa ezingaphumelelanga ne-CDC namakhansela ezigceme.

UNobhala we-forum, uMnu Sibusiso Matyolo uthe bayazi ukuthi i-Coega ingaphansi kukahulumeni, kodwa uMasipala unomthwalo wokuba ungenelele njengoba konke lokhu kwenzeka ngaphansi kwawo.

“Sicela iMeya ingenelele odabeni lwe-Coega nomphakathi ngoba nathi sifuna ukuzuza,” usho kanje.

U-Odendaal wamukele imemorandamu futhi wathembisa ukuthi uzohlala phansi ne-Coega, kodwa wagcizelela ukuthi le nhlangano ayikho ngaphansi kwegunya likaMasipala.

“Ibona abaphathi abaphezulu thina sinobudlelwano nabo kuphela. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyazichaza ezinye zezinto abantu abakhala ngazo kakhulu.”

Uthe uzobuyela kwi-forum futhi uyakwamukela ukumasha kwabo okunokuthula.

Izakhamhzi bezilokhu zivala iziza endaweni yase-Coega nase-Markman, zisola amabhizinisi kanye ne-CDC ngokuqasha abantu bangaphandle ngesikhathi besalinde ukuqashwa.

Ekhuluma no-Odendaal, u-Ayanda Mangesana uthe ubeyingcweti yezandla, kodwa wehlulekile ukuthola umsebenzi e-Coega’s Industrial Development Zone (IDZ).

“Baningi abantu abanamakhono e-PE saqeqeshwa kudala. Lezi zinkampani zithatha abantu abasuka eKapa, ​​eThekwini, eLimpopo nasezindaweni zonke njengoba silapha singasebenzi”

“Yini okufanele siyenze? Lezi zinkampani azifuni ukusiqasha, ingabe kufanele sifinyelele lapho sithatha izinyathelo ezingadingekile?

UMangesana uthe uphoqeleka ukuthi athathe imisebenzi ekhokhela kancane  kwesinye isikhathi aphume edolobheni ayofuna umsebenzi.

Ekuqaleni kukaNhlolanja, kwaputshuka imiyalezo ye-WhatsApp kanye namazwi aqoshiwe, okusho ukuthi amakhansela athile esigcemeni sase-Motherwell ahlulekile ukusiza i-forum ekufuneni imisebenzi.

Khonamanjalo, umsebenzi wakwa-Coega IDZ ongowokuzalwa eThekwini ocele ukungadalulwa ngenxa yokwesaba ukuhlukunyezwa uthe sebesaba ngisho ukuya emalokishini ngenxa yezinsongo abazithola kubantu bendawo.

“Sesisaba ngisho ukuyozihlalela emalokishini ngoba uma bebona ukuthi awusiye owakulesi sifundazwe usebenzela le nkampani usuke usenkingeni. Bayasisabiza futhi asizizwa siphephile lapha kanti ekumele bakwazi asizile ukuzothatha umsebenzi wanoma ngubani.”

Okhulumela i-Coega, u-Ayanda Vilakazi ukuchithile okushiwo i-forum, wengeza ngokuthi izimfuno zabo ziphambene nokuphathwa kahle kwebhizinisi nokuqashwa kwabantu.

UVilakazi uthe i-CDC iphathe ngendlela efanele iminyaka engu-20 edlule futhi ibilokhu ingashintshile ekuqinisekiseni ukuthi u-80% wemisebenzi uhlomulisa abantu bakuleli.

Isithombe esingenhla: Isikhulu sikaMasipala wase-Nelson Mandela Bay, u-Retief Odendaal

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva