Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Imindeni engaphezu kwengu-50 elokishini lase-Alexandra, eGoli ixoshwe kumakhonteyina ebihlala kuwo ngokungemthetho isikhathi esingaphezu kwesonto.
Abesifazane, izingane, nezalukazi ngabanye balaba abaxoshiwe kanti bathi abanayo enye indawo yokufihla amakhaza.
Isakhamuzi sase-Alexandra uThabiso Vilakazi uthe amakhonteyina akhiwa eduze kwedolobha elingumakhelwane i-Marlboro ngo-2020 ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19.
“Osonkontileka bawashiya kungakapheli nohhafu ngesikhathi beshiya phansi lo msebenzi,” esho. Akekho obehlala kula makhonteyina kuze kwaba ekupheleni kukaNhlolanja. Sithathe isinqumo sokungena kula makhonteyina ngoba kuwumkhuba e-Alexandra lapho izinhlelo zezindlu ezingaqediwe zigcina sezihlala izakhamizi ngokungemthetho.”
UThabiso uthe lona ngomunye wemisebenzi eminingi engaqediwe kuleli lokishi.
“Sinomsebenzi ofanayo e-Alexandra River Park lapho amabhulokhi amafulethi akhiwe idolobha laseGoli ashiywa engaqedwanga.”
Lokhu kwanikeza izakhamizi ithuba lokuzihlalela ngokungemthetho.
UThabiso uthe imizamo eminingi yomthetho yokukhipha abantu emafulethini ayiphumelelanga. Idolobha belimise unogada oyedwa kodwa washiya amasango engagadiwe wanika abantu ithuba lokungena emafulethini.
Uthe izakhamuzi ezihlala kula makhonteyina selokhu kuqale unyaka bezilokhu zithola izincwadi zokuthi ziphume kule ndawo.
“Ngesonto eledlule kufike amaphoyisa nonogada abazimele bakhipha wonke umuntu emakhonteyineni,” kusho uThabiso.
Kusukela lapho, amasango avaliwe futhi kukhona onogada abaqaphe le ndawo. Imindeni engaphezu kuka-50 ishiywe dengwane.
I-Scrolla.Africa sivakashele le ndawo ngoLwesine. Imindeni eminingana exoshiwe izakhele izindawo zokukhosela isebenzisa izinto zayo nanoma yini enye engayithola. Botha umlilo lapho abapheka khona ukudla kwabo.
Esinye isakhamuzi sase-Alex, uMnuz Vuyolwethu Mbatha uthe “Abanye abantu banikezwa izindawo zokuhlala zesikhashana ngemuva kokuxoshwa. Sisele emvuleni futhi akekho osisizayo.”
UVoyolwethu uthe uyajabula ukuthi lokhu kwenzeka onyakeni wokhetho. “Siyabazi ukuthi bangobani. Sizoziphindiselela ebhokisini lokuvota ngomhlaka-29 kuNhlaba,” esho.
Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama sithe okubuhlungu ukuthi izingane nabantu abadala yibona abahlukumezeka kakhulu. “Uma lina, asinayo indawo esingaya kuyo,” esho.
Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zase-Alexandra ezithuthele emakhonteyineni ngokungemthetho zixoshiwe.
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga