Izakhamizi zinxenxa ukungavalwa kwezikhungo zika-Eskom

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UMkhandlu waseKapa usucele u-Eskom ukuthi ungaqhubeki nezinhlelo zokuvala izikhungo zokusiza umphakathi kusukela ngomhlaka-28 kuNhlangulana.

Lesi sicelo siza ngemuva kokuthi kuzwakaliswe ukukhathazeka emhlanganweni wakamuva phakathi kweDolobha no-Eskom ngomhlaka-14 kuNhlangulana.

Ilungu lekomidi leMeya yeDolobha lezamandla, uKhansela Beverly van Reenen, lithe ukuvalwa kwezikhungo zezinsiza ngaphandle kwezinyathelo ezanele kuzokwenza kube nzima kwizakhamuzi zaseKapa.

“Ikakhulukazi imiphakathi esengozini kakhulu ethembele ezinhlelweni eziphambili zakwa-Eskom,” kusho uVan Reenen.

Ngesikhathi somhlangano, u-Eskom utshele iDolobha ukuthi uhlela ukwandisa ukufundiswa komphakathi nge-chatbot yabo i-Alfred ngokubika amaphutha futhi yethule izinhlelo ezahlukene kumakhasimende angakwazi ukungena ku-chatbot.

UVan Reenen uthe bayazamukela ngokomgomo izindlela ezintsha, kodwa iDolobha lidinga ukuqiniseka ukuthi lizonikeza ukufinyelela okwanele kuyo yonke imiphakathi.

“Nakuba iDolobha likwazisa ukulethwa kwezidingo kubahlali, kunemikhawulo kulokho iDolobha noma abalimele abangakufeza njengoba u-Eskom ewuhlaka lukazwelonke futhi akalawulwa idolobha” kusho uVan Reenen.

Umnyango wakwa-Eskom ophethe ababambe iqhaza kanye ne-industry department umemezele phambilini ukuthi le nkampani ithuthukisa ulwazi lwayo lokuhlinzeka amakhasimende ngokuvula amahhovisi aqhamuka ezindaweni zayo zokuhlinzeka.

Lokhu kuzonciphisa umthwalo wezimali kumakhasimende asebenzisa izithuthi zomphakathi futhi kugweme ukuthi bame olayini abade.

Isithombe esingenhla: Ibhilidi lakwa-Eskom.

Umthombo: Eskom

Izihloko zakamuva