Izakhamizi zikhala ngokugetshengwa ngabafana ababuya ukosoka

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamuzi zase-Lower Crossroads eKapa seziyizisulu zokugetshengwa abafana abasakhula ababizwa ngamakrwala. 

UZingiswa Funde (35) naye wamehlela lomshophi ngesikhathi iqulu labafana lifika kuye evakashele umndeni wakhe.

“Bengingakaze ngicabange ukuthi bazongibamba inkunzi ngoba bebesanda kubuya esikoleni sokusoka ngoZibandlela lapho befundiswa khona ukuthi indoda yangempela kufanele iziphathe kanjani,” kusho uFunde.

Uqaphele ukuthi ubanjwa inkunzi ngesikhathi sebemthathele umakhalekhukhwini nemali.

“Baqhamuke bebane, bephethe ibhodlela lotshwala i-Russian Bear vodka bangibuza ukuthi ngingabanikeza yini imali yokuthenga ijusi ukuze bayixube nogologo wabo,” kuchaza uFunde.

Ngesikhathi ebatshela ukuthi akanayo imali bavele bamungunga base beqala ukusesha izimpahla zakhe.

“Ngesikhathi bematasa bebheka izimpahla zami bebenikezana ngogologo belokhu bewuphuza. Bathathe yonke into futhi angikholwa namanje ukuthi bangigebenga begqoke izingubo ezintsha abazinikwa uma bephuma ukosoka.”

Isakhamuzi esicele ukungadalulwa ngoba sisaba ukukhonjwa indlela, sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi abafanaabasanda kubuya kosoka sekuphele izinyanga behlukumeza umphakathi.

“Abafundanga lutho ngesikhathi besoka. Ngizwe kuthiwa bayathinteka ezigamekweni zokugebenga njengoba abahlali bebenethemba lokuthi bazobuya sebengabantu abashintshile abazohlonipha umphakathi,” kusho isakhamuzi.

Uphinde wadalula ukuthi abantu sebeyahlela futhi bakha amasu okuthi bazosisingatha kanjani lesi simo njengoba sebekhathele ukubanjwa inkunzi.

Ezinye izisulu zilandise ngemikhuba eyenziwa izona lezi zigebengu ezingaziphathi kahle.

“Basitshela ukuthi singakhohliswa izingubo azisho lutho kubo. Ngishaqekile ngoba bekumele bazihloniphe izingubo abebezigqokile bebuya esikoleni sokusoka,” kusho esinye isisulu.

Isakhamuzi esineminyaka engu-40 silandisa ngokuphoqwa kwakhe ukuthi aphuze ugologo.

“Bangidelela abafana, yebo ngiyaphuza kodwa angiyiphuzi i-Russian Bear. Ngosuku abangibamba ngalo babona ukuthi ngibuhlungu ngabakwenzile bangiphoqa ukuthi ngiphuze ugologo abawuphethe ukuze nginciphise ukucindezeleka okwabangelwa yibo. Kwakuwukungahloniphi lokhu abakwenza.”

USikelela Zokufa ongumsunguli weSomagwaza Institute, ezikoleni nokufundiswa ngokusoka uzwakalise ukushaqeka ngesikhathi ezwa ngesenzo salamadoda asakhula.

“Kuyacaca ukuthi abafundanga lutho ngesikhathi besoka. Isibopho sokushintsha sikubo. Kwesinye isikhathi uma besesikoleni baziphatha sengathi sebeshintshile,” kusho uZokufa ezwakalisa ithemba lokuthi laba balisa abasha bazoshintsha izindlela zabo.

Umphathi siteshi e-Philippi East, uColonel Mzwabantu Jada uthe uzoqinisa ezokuphepha endaweni.

“Sihlale sikhuthaza amalungu omphakathi ukuthi avule amacala uma kwenzeka lezi zigameko. Kufanele futhi basinikeze imininingwane kanti siyathembisa ukuthi amagama abo sizowagodla.”

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zase-Lower Crossroads zibhekene nenkinga yokuhlukunyezwa abafana abasakhula ababuya ukosoka abazibiza ngamadoda aphoqa izisulu zawo ukuba ziphuze ugologo ngemuva kokuzibamba inkunzi, bethi lokho kuzonciphisa ukucindezeleka okubangelwa izenzo zabo.

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva