Izakhamizi zihlinzekwe ngamanzi

Joseph Chirume

Izakhamuzi ezingaphezu kuka-5 000 zase-Chris Hani Village zivumelene ngoLwesihlanu ukuthi zizogcwala imigwaqo yase-Kariega ziphoqelele uMasipala ukuthi uzihlinzeke ngamathangi oJojo namathangi amanzi.

Kodwa ukufika kwamathangi amanzi abekade edingeka ngoMsombuluko kanye nokuba khona kukaMengameli uCyril Ramaphosa kubukeka kuwugwemile lo mbhikisho omkhulu womphakathi.

Okhulumela ikomidi leNelson Mandela Bay elibhekelela amanzi uSiya Mama uthe izakhamuzi zishaqekile ngesikhathi zithola amathangi amaningi amanzi egcwele imigwaqo ngoMsombuluko ekuseni.

Uthe lokhu akujwayelekile njengoba abahlali abangu-5 000 sebechithe izinyanga eziningi beklwebhana bedudulana beyokha amanzi ethangini elilodwa lendawo.

Owesifazane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “Akubona osonkontileka abalethele umphakathi amanzi, kodwa ngamaloli akwaMasipala kanti namanzi aseqalile ukuphuma kompompi.”

Akugcinanga ngokuthi uMasipala ulethe amathangi amanzi amaningi kule ndawo, ubuye wathumela ochwepheshe ukuba bayolungisa.

“Bekuqala ngqa ukuthi kube nenqwaba yochwepheshe bakaMasipala abebekule ndawo bezolungisa ukuvuza kwamanzi.

Kuyathakazelisa kakhulu okwenzekayo. 

Lokhu kusho ukuthi sisebenza ngokuzimisela njengekomidi elibhekelela izinking zamanzi e-Mandela Bay. Lokhu kuyajabulisa noma kuyisinyathelo sesikhashana.”

Isakhamuzi u-Emelda Jaanties utshele i-Scrolla.Africa ukuthi, “uhulumeni udlala ngathi banamanzi kanye nezindlela zokusinika wona. Basinikeze amanzi namuhla ngoba bebazi ukuthi uMengameli uRamaphosa uzobe ekhona kule ndawo ngethemba lokuthi angeke sikwazi ukubhikisha.”

URamaphosa ufike kuloMasipala ngoMsombuluko ukuzohlanganyela nezakhamuzi ekugubheni usuku lalowo owayenguMengameli wezwe uNelson Mandela. Usebenzise lo mcimbi ukuqinisekisa izakhamuzi ukuthi uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi i-Day Zero iyahlehliswa.

Uqale wavakashela i-Nooitgedacht Water Treatment Works esetshenziselwa ukudlulisa amanzi asuka e-Gariep Dam e-Free State iwayisa e-Nelson Mandela Bay.

URamaphosa uthe, “isomiso esibhekane naso iminyaka eyisikhombisa senza izinto zaba zimbi kakhulu. Ukuguquguquka kwesimo sezulu kuba nomthelela omubi kulesi sifundazwe futhi uhulumeni uthatha izinyathelo kuwo wonke amazinga ukubhekana nezinselelo.”

URamaphosa ubephelezelwa uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnu Senzo Mchunu, uNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane kanye neMeya ephethe ye-NMB u-Eugene Johnson.

Izihloko zakamuva