Izakhamizi zibambe isigebengu esibandakanyeka ekubulaweni kwephoyisa

Karabo Rammutla

Ngesikhathi kuqhuma isibhamu kungakapheli sikhathi esingakanani phakathi kwamabili ngeSonto ilungu lomphakathi liye lashaya impempe.

Lokho kuvuse izakhamizi zase-Mabopane ngaphandle kwase-Tshwane – ezigijime kusanesikhathi zabamba isigebengu okusolwa ukuthi siyathinteka ekugetshengweni nasekubulaleni iphoyisa lingekho emsebenzini.

Abasolwa ababili bangene endlini kaSayitsheni Tumelo Losaba bathi akaye egumbini lakhe ayolanda izimpahla zakhe ezibalulekile.

Leli phoyisa liye lathatha nesibhamu salo somsebenzi kanti ngesikhathi libuya egumbini lokulala likwazile ukudubula labulala umsolwa oyedwa obehlomile.

Ube esegijima ephumela ngaphandle, kodwa ubengazi ukuthi omunye umsolwa ubesemotweni ngaphandle.

Kuthiwa umsolwa udubule leli phoyisa lashona wabe esehamba ngemoto.

Kodwa umphakathi ukwazile ukubamba umsolwa oyedwa othintekayo kulesi sigameko. Owesilisa (32) ubaleke ngezinyawo kodwa izakhamizi ziphume ngobuningi bazo zamjaha zambamba.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Athlenda Mathe uthe kuthungathwa umsolwa obehamba nge-Audi A3 e-Grey.

“Kuboshwe umsolwa oyedwa kanti uzothweswa icala lokubulala nokugqekeza.” 

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa kazwelonke uLieutenant General Tebello Mosikili uncome umphakathi wase-Mabopane ngokuthatha isinyathelo sokulwa nobugebengu, udlame nokungawuhloniphi umthetho.

UMosikili uthe sebehlanganise zonke izinsiza zabo ukuze bathungathe umsolwa osagcwele amathafa.

“Sithanda ukubonga umphakathi wase-Mabopane ngokuba izakhamizi ezikhuthele ekulweni nobugebengu. Ukuphepha kanye nokuvikeleka kwamalungu ethu emsebenzini kuseseqhulwini kwa-SAPS futhi abaphathi bayaqhubeka nokubuyekeza izinqubomgomo namaqhinga akhona ukuthuthukisa ukuphepha kwamaphoyisa,” esho.

Uthe ongoti bezengqondo nabefundisi boPhiko lwe-Service Employee Health and Wellness (EHW) bathunyelwe ukuyohlinzeka umndeni ngezidingo zempilo yengqondo.

Iphoyisa (41) elibulewe belisebenza ophikweni lwamaphoyisa e-Rapid Rail Police Unit e-Mabopane Corridor.

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zase-Mabopane ezibophe umsolwa obandakanyeka esigamekweni sokugebenga nokubulala iphoyisa

Umthombo wesithombe: @Saps

Izihloko zakamuva