Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Izakhamizi zaseDladla Village Ext 21 eTsakani, eKurhuleni zidele amakhaza ashubisa umnkatsha ngoMsombuluko nangoLwesibili zabhikishela izindlu zomxhaso ezithenjiswe zona.
Umbhikisho wazo uza ngemuva kwezigameko ezinhlanu ezibikiwe zokusha kwemijondolo kusukela kuqale ubusika.
Leli qembu belibhikisha kusukela ngenyanga edlule, lifuna izimpendulo kumasipala waseKurhuleni mayelana nokuthi zizokwakhiwa nini izindlu ezathenjiswa lo mphakathi.
Le ndawo inemijondolo engu-366, kanti izakhamuzi sezineminyaka engu-30 zilwela izindlu zomxhaso.
Ngo-2017, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu wagunyaza ukwakhiwa kwezindlu zabo, okwenza izakhamuzi zibe nethemba lokuthi ekugcineni ubunzima bazo buzophela.
Nokho umnyango awukabatsheli ukuthi ukwakhiwa kuzoqala nini.
Umholi womphakathi uJabulani Nkosi uthe: “Kuyadabukisa ukubona izakhamuzi zethu zishona ngenxa yokusha kwemijondolo futhi zilahlekelwa yimpahla yazo ebalulekile.
“Sikhathele ukulinda, sekuphele iminyaka eyisikhombisa satshelwa ukuthi izindlu zethu zigunyaziwe futhi kuzoqala umsebenzi kodwa manje bayasiziba.”
Okhulumela i-Ekurhuleni uZweli Dlamini uthe: “Kulindeleke ukuthi isifundazwe siqale ukwakha izindlu zomxhaso maduze nje. Inselelo ukuthi izinhlelo azihambi ngesivinini esifunwa izakhamizi, kodwa kuzolunga ekugcineni.
“Silindele ukuthi ikhansela lesigceme lihlale lazisa izakhamizi ngayo yonke inqubekela-phambili, okuzosiza ukuthi zazi ngezinhlelo.”
Isithombe esingenhla: Izakhamuzi zibhikisha.
Umthombo: Doreen Mokgolo