Izakhamizi zaseSikhawini zithukuthele zigane unwabu ngokuthenga amanzi esuphamakethe

Xolile Nkosi & Sizwe Sibiya

Ilokishi laseSikhawini ngaphandle kwase-Richards Bay lizungezwe imifula namadamu futhi lisendaweni ethandwa imvula, kodwa abahlali balo kusafanele bathenge amanzi abo emasuphamakethe.

Sekuphele iminyaka emibili izikhalazo zabo zishaywa indiva kodwa ngoLwesithathu zaphumela obala ngesikhathi izakhamuzi zibhikisha emigwaqweni.

“Kunzima kakhulu ukuhlala lapha ngaphandle kwamanzi,” kusho esinye isakhamuzi, uKhulekani Ngcobo. “Kumele sijahe amaloli athwala amanzi futhi uma kwenzeka ugeja amaloli kuzofanele uthenge amabhodlela angamalitha amahlanu amanzi angaphezu kwamathathu.”

UKhulekani wengeze ngokuthi akuphephile ukuphuza amanzi aphuma kulamaloli.

“Asikwazi ukuwaphuza lawo manzi. Njalo sithenga amanzi ethu okuphuza ngamarandi amahlanu, uma sigcwalisa ibhodlela. Futhi kubiza ngaphezu kwemali eyi-R10 uma uthenga ngaphandle ungaliphethe ibhodlela,” uyasho.

NgoLwesithathu ngemuva kokubhikisha uKhulekani uthe bakwazile ukuthola amanzi ezimpompini, kodwa bavuka bathola izimpompi zomile futhi ngoLwesine – njengoba kwenzekile esikhathini esedlule.

“Sizamile ukuxazulula inkinga yamanzi ngokuthula kodwa konke esikutholile bekuyizithembiso ezingelutho,” kusho esinye isakhamuzi uSandile Gamede ngesikhathi sombhikisho.

“Asisafuni ukuhlala etafuleni sikhulume nabantu abangenandaba nathi.”

Isakhamuzi uNtombi Dlamini utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi amaloli athwala amanzi aphana ngamanzi anganeli ngisho ingxenye yesigodi, futhi kodwa “eza lapho uma ethandile ukuza” uyasho.

Okhulumela uMasipala waseMhlathuze uMduduzi Ncalane ukuqinisekisile ukuthi bayazi ngombhikisho nodaba lwamanzi.

“Ukulethwa kwamanzi emiphakathini nasezindaweni ezakhelene nayo kuthintekile ngomonakalo wengqalasizinda. Akukhona ukuthi asiyibheki inkinga.

“Ukuxazulula inkinga kuyindlela ende impela, ngoba okwenzekile ukuthi izindlu ziyanda minyaka yonke futhi abantu bagcina sebakha izindlu zabo phezu kwengqalasizinda yethu yamanzi – okwenza kube nzima ukuyilungisa uma seyonakele,” kwengeza uNcalane. kusho uNcalane engeza

“Ngaphambi kokuba sifinyelele esivumelwaneni nabo (abanikazi bezindlu) asikwazi ukulungisa inkinga.”

Izihloko zakamuva