Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Yize imiphakathi yaseNelson Mandela Bay isazama ukwamukela imiphumela yezikhukhula nezimvula zangempelasonto edlule, iSouth African Weather Service isixwayise ngomonakalo ongase ube khona njengoba kulindeleke imvula enkulu.
Kodwa lokho akuzange kuvimbe izakhamuzi ze-The friendly City ukuthi zihlangane ndawonye ukuze zisize labo abathinteke kulo monakalo.
Kusukela ngeSonto, ezikhungweni zomphakathi lapho izinkulungwane zezakhamizi ezishiye amakhaya zicashe khona, abantu abasizayo bebelokhu bengena bephuma beshiya ukudla, izingubo zokulala, izinto zangasese nezinye izinto ezibalulekile.
Izinhlangano ezehlukene okubalwa kuzo iGift of the Givers seziwusukumele umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi ziletha ukudla nsuku zonke.
Izakhamizi eziningi ezingxenyeni zikamasipala zisale ziqoqa ngemva kokulahlekelwa abathandiweyo bazo izinto zazo kanye nemizi yazo.
Kodwa okubi kakhulu kuseza.
Isazi sezulu saseGqeberha SA Weather Service, uLelo Kleinbooi, uxwayise ngokuthi balindele imvula enzima kakhulu ngoLwesibili.
Uthe kulindeleke ukuthi iqhubeke isifundazwe sonke.
“Le mvula ihambisana nomoya omkhulu ohambisana nesiphepho nemvula ezobeka indawo yaseSouth Coast esimweni esibi,” kusho u-Kleinbooi.
Ngenxa yalokho i-Orange level 6 yesixwayiso semvula izosebenza ngoLwesibili.
Okhulumela umasipala waseNelson Mandela Bay uSithembiso Soyaya uthe idolobha livule isikhwama sokusiza. Lesi sikhwama sihlose ukuhlinzeka ngosizo kanye nokweseka ngokushesha kubantu nemindeni ekhahlanyezwe yinhlekelele eKariega naseGqeberha.
“Simema abantu, amabhizinisi nezinhlangano ukuthi zixhase isikhwama sokusiza,” kusho uSoyaya.
“Iminikelo yenu izoba nomthelela omkhulu ekuhlinzekeni usizo kulabo abaludingayo, ibasize babuyisele izimpilo zabo esimeni.
“Ngaphezu kwalokho bonke abathintekayo bayakhuthazwa ukuthi banikele. Sikhuthaza namavolontiya ukuba ahlanganyele emizamweni yethu yokusiza.”
USoyaya uthe lezi zimali eziqoqiwe zizosiza ukuhlinzeka usizo oluphuthumayo ngezindawo zokukhosela eziphuthumayo nezindlu, imfundo nokuziphilisa, izindlu zangasese, ukudla, amanzi nokunye okubalulekile, ukwakhiwa kabusha nokulungiswa kwengqalasizinda eyonakele, ukwesekwa kwezempilo nokunye.
Esithombeni esingenhla: Amalungu e-Al Imdaad Foundation ehambisa iminikelo kwabahlukunyezwe izikhukhula ehholo iXaba, Kwalanga eKariega ngoMsombuluko.
Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe