Lubhalwe nguLungani Zungu
Isikhalo sezakhamizi zaseNdwedwe eThekwini ezisibhekise kuMengameli Cyril Ramaphosa owethule inkulumo yakhe yeSizwe ngoLwesine sithi: “Sifuna amanzi ahlanzekile, hhayi izethembiso!”
Sekuphele iminyaka engamashumi amathathu umphakathi ozinze enyakatho yeTheku uphoqeleka ukuthi uphuze amanzi ezizibeni ezisetshenziswa izinkomo nezimbuzi.
Amanzi angcolile futhi kusobala ukuthi awaphephile ukuthi angasetshenziswa abantu. Ukuze amanzi angabi ingozi kakhulu izakhamizi ziyawabilisa bese zithela amaconsi e-bleach kuwo ngaphambi kokuwusebenzisa ukupheka nokuphuza.
“Sesikhathele ukulinda manje. Sifuna amanzi ahlanzekile, hhayi izethembiso. Isicelo sethu ukuthi uMengameli uRamaphosa asheshise ukuhlinzekwa kwamanzi ahlanzekile ezindaweni zasemakhaya,” kusho isakhamuzi uThabiso Mthethwa.
“Sifuna kuthathwe izinyathelo manje Mengameli, hhayi izethembiso. Isikhathi sezethembiso sesiphelile manje,” kusho uMthethwa.
Isakhamuzi uThinabathu Mzolo uthe wonke amathemba akhe okuthola amanzi ahlanzekile ashabalale.
“Alikho ithemba lempilo engcono kithina lapha. Uhulumeni ulokhu esiphakela izethembiso. Izimpilo zethu ngeke zishintshe inqobo nje uma kusaphethe i-ANC,” kwengeza uMzolo.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal ubeke iNdwedwe njengendawo eseqhulwini mayelana nezinselelo zamanzi.
Kodwa-ke, kusazobonakala ukuthi umphakathi uzowathola nini amanzi ahlanzekile nokuthi uyeke ukwabelana amanzi nezilwane.
Kusaqhubeka ukulinda eNdwedwe nakweminye imiphakathi ezweni lonke njengoba uRamaphosa enza inqwaba yezethembiso.
Esithombeni esingenhla: Abantu abahlukaniselana amanzi nezinkomo eNdwedwe
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe