Izakhamizi zasendaweni enobugebengu obuphezulu zijabulele isiteshi esisha samaphoyisa 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamizi ezikhungethwe ubugebengu zamukele isiteshi samaphoyisa esisha ePhillipi Brown’s Farm, okungenye yezindawo eziyingozi kakhulu eKapa. 

Ikhansela lesigceme uMelikhaya Gadeni wethemba ukuthi lesi siteshi esisha, esivulwe ngomhlaka-2 kuNcwaba futhi siyisiteshi esingaphansi kwe-SAPS yaseNyanga, sizokwenza iPhilippi iphephe kakhudlwana. 

“Ngijabule kakhulu ngokuthi sigcine sisitholile isiteshi samaphoyisa. Kusukela ngo-2020 sizama ukuthola isiteshi samaphoyisa noma isathelayithi ukuze abantu bathole usizo ngaphandle kokusebenzisa imali yokugibela,” kusho uGadeni.

UDumisani Qwebe, uNobhala weNyanga Community Policing Forum, uthe: “Beziningi izikhalo futhi abahlali bebenalo lonke ilungelo lokukhononda, kodwa manje sekudlulile lokho, futhi sesizibonile izinguquko.” 

Uthe igalaji lakwaShell, obekuyisizinda sokudunwa kwezimoto, selokhu kwavulwa lesi siteshi ubugebengu abubonwa. 

“Nsuku zonke izimoto bezidunwa noma zihlukaniswe kuleyo ndawo, kodwa asikuboni lokho selokhu kuvulwe isiteshi samaphoyisa. Kwenziwa ukuthungathwa, kwaboshwa owesilisa owaziwa ngokudayisa iziphuzo ngokudayisa izidakamizwa,” kwengeza uQwebe.

Isakhamuzi uLukholo Nkuhlu (45), uthe lesi siteshi sizonciphisa ubugebengu futhi songele izakhamizi imali yokugibela ziye kwezinye iziteshi zamaphoyisa.

“Ukuthola usizo noma ukufinyelela esiteshini samaphoyisa kwakunzima kubantu abaningi, ikakhulukazi labo ababengenayo imali yokuya kwezinye iziteshi zamaphoyisa. Ngeke sisakhathazeka ngezindleko zokuthutha ukuze sifike kwezinye iziteshi zamaphoyisa,” kusho uNkuhlu.

Esinye isakhamuzi, esingathandanga ukudalulwa, sithemba ukuthi lesi siteshi sizonciphisa udlame lwasekhaya. 

“Izisulu eziningi azizange zibike abahlukumezi ngenxa yokuthi besingekho isiteshi samaphoyisa, futhi zingenayo imali yokuya kwezinye iziteshi. Nabahlukumezayo njengoba sekunesiteshi esisha samaphoyisa bazocabanga kabili ngaphambi kokulimaza abalingani babo,” kusho isakhamuzi.

Isithombe esingenhla: Umphakathi wasePhillipi Brown’s Farm eKapa ujabulile ngesiteshi samaphoyisa esisha sesathelayithi, ilokishi labo laziwa njengeliyingozi kakhulu eKapa.  

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva