Izakhamizi zasemijondolo sezizovota emva kokuduba

Lubhalwe ngu-Doreen Mokgolo

Abaholi bemijondolo yaseMkhanqwa eKurhuleni sebevumele izakhamizi ukuthi zivote okhethweni lwangomhaka-29 kuNhlaba.

Lokhu kungemuva kokuthi izakhamizi zibe munye zasabisa ngokuthi ngeke zibambe iqhaza okhethweni njengoba zikholelwa ukuthi azizange zizijabulele izithelo zeminyaka engu-30 edlule yentando yabantu.

Izakhamizi zivimbe izikhulu ze-IEC ukuthi zingene kule ndawo ngempelasonto yokubhalisela ukuvota ngoNhlolanja. Akukho ngisho nethimba lamaphoyisa eliphezulu elabenza ukuthi bayeke abakwenzayo.

Njengemijondolo eminingi ezweni, eminye imigwaqo imbozwe ngamakhebula kagesi angekho emthethweni kanti amanye  alengela ngaphezu kwemijondolo.

Basebenzisa amathoyilethi angomahamba nendlwana kanye nompompi bomphakathi futhi abafakiwe ezinhlelweni zikahulumeni ze-Integrated Development Projects ngenxa yokuthi ingxenye yomhlaba abawudlayo ngokungemthetho owabanye abantu.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrollla.Africa, umholi womphakathi wase-Afrika uSifiso Fikofana uthe ngemuva kokuxoxisana neDolobha laseKurhuleni, owayeyi-MMC yezokuHlaliswa kwaBantu, uMasele Madihlaba kanye noMnyango wezezindlu esifundazweni banqume ukuwuyeka okwesikhashana umbhikisho wabo.

“Ekugcineni sesibona umsebe wokukhanya. Phambilini sasike siphiwe izithembiso zomlomo ezingafezwa,” kusho uFikofana.

“Sithole izibophezelo ezivela eMnyangweni wezokuHlaliswa koMphakathi nowesifundazwe ukuthi ezinye zezakhamizi zizothuthelwa eBrakpan Old Location kuFourie Street, lapho kwakhiwa khona izindlu njengamanje,” usho kanje.

UFikofana uthe uma abaholi bahulumeni behluleka ukufeza izithembiso zabo bazobafaka ezinkantolo.

“Kumanje sisebenzisana nabameli ukuze basisize ekuqinisekiseni ukuthi siyabaphendula njengoba izethembiso nezibopho zabo zingena ngama-email,” usho kanje.

“Sizolwa kuze kube zonke izakhamizi kulo mphakathi ziyahlomula ezinsizeni zaleli lizwe njengoba kufanele.”

Isakhamuzi saseMkhanqwa, uThandi Sithole uthe namanje basangabaza ngokhetho.

“Ayikho into esiyivotelayo ngaphandle kokusiza osopolitiki ukuthi bangene ezikhundleni baqhubeke nokuzitapela izinsiza zezwe,” usho kanje.

Isithombe esingenhla: Imijondolo yaseMkhanqwa

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva