Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Amakhulu ezakhamuzi zaseMakhanda adle ngokungemthetho umhlaba ongasebenzi kamasipala ukuze athole izindlu, avale imigwaqo u-N2 no-R67 ngezinsimbi namathayi avuthayo.
Izakhamuzi eziphelelwe yithemba zibize indawo entsha yokuhlala ngokuthi “Empolweni” njengoba umasipala uthatha izinyathelo zasenkantolo ukunqanda ukuthathwa komhlaba endaweni ezodayiswa.
Bedinwe izithembiso eziyize zeminyaka kanye nokwakhiwa kwezindlu okumile, izakhamizi zaseMakhanda zizibambele mathupha zathatha ngokungemthetho umhlaba kamasipala ongenalutho ukuze usetshenziswe.
Izakhamuzi zivale umgwaqo u-N2 obheke eQonce kanye no-R67 ngeSonto nangoMsombuluko, zishisa amathayo nemfucumfucu emgwaqeni.
Laba bahlali bathe sebekulangazelela ukuba nemizi yabo. Abanye bathi sebekhathele ukukhokha irenti. Baqambe indawo entsha ababezohlala kuyo ngokuthi “Empolweni”, ngesiXhosa njengendawo yokuphumula.
UMasipala waseMakana ulungiselela ukufaka isicelo enkantolo sokuvimba abahlali ukuba badle lo mhlaba, oklanyelwe ukusetshenziselwa ukuhwebelana.
Amaphoyisa asebenzise amabhomu ukuhlakaza izakhamuzi ebezibuthene esigangeni esiseduze no-R67 ngeSonto nangoMsombuluko ukudambisa isiminyaminya.
Ababhikishi babe sebedlulela elokishini laseJoza, nalapho bevale khona izimpambano zemizila yamatekisi kwaze kwahlwa ngoMsombuluko.
NgeSonto, amakhulu ezakhamuzi ahlangane enkundleni eyaziwa nge-eGolfini (inkundla yegalofu endala) ku-R67 futhi bamake indawo besebenzisa izigxobo, izinduku, amatshe nempahla yokwakha.
Sekuyiminyaka eminingi umhlaba usetshenziselwa izikole zokusoka zabafana bamaXhosa abaguqukela ebudodeni.
Inqwaba yezimoto bezishaye ujenga emgwaqeni ngemuva kwase-Extension 5 nasemphakathini wasoLuxolweni ngesikhathi kwenzeka lo mdlalo.
Umholi womphakathi uMnuz Simphiwe Mdluli uthe abantu abadala neningi labasebenzi baseMakhanda bahlala emagcekeni noma bayaqashisa ngoba bengawafanele amabhondi.
“Alukho uhlelo olusha lokwakhiwa kwezindlu emakhadini, kanti phambilini umasipala ubuthembise ukuthi uzoqala ngesigaba sesibili sokwakhiwa kwezindlu ezindala e-Extension 10,” usho kanje.
“Sekuphele iminyaka kungashiwo lutho, yingakho umphakathi usuhlonza umhlaba ongasasetshenziswa ngesikhathi usalinde umasipala ngoba sesikhathele yilo masipala ongenamsebenzi walutho.
UMdluli uthe izalukazi sezingenele lolu hlelo ngoba ngesikhathi sentuthuko ye-Extension 10 esigabeni sokuqala kuthiwa abantu abangafanele bathole izindlu, kwahlomula abantu abangaphezu koyedwa emndenini owodwa.
“Uma ubheka amatayitela ka-Extension 10, uthola ukuthi umuntu oyedwa kusolwa ukuthi unezindlu ezintathu, yingakho singasakwazi ukuxoxa ngalokhu, kodwa sifuna umhlaba ukuze sizokwakha izakhiwo zethu.”
UMdluli uthe umphakathi uzokwenza ukuthi uMakhanda angalawuleki kuze kube izikhalo zawo ziyalungiswa.
Okhulumela umasipala u-Anele Mjekula ukuqinisekisile ukuthi bayalungisa amaphepha asenkantolo ukuze kunqandwe ukudliwa komhlaba edolobheni.
Esithombeni esingenhla: Abahlali baseMakhanda bemi endaweni engenalutho.
Umthombo wesithombe: Umasipala Wendawo yaseMakana
