Izakhamizi zaseKhayelitsha zivalelwe ngemuva kombhikisho wokunqanyulwa kukagesi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamizi zase-Social Distance Settlement eKhayelitsha zithi abomthetho basabise ngesisi esikhalisa unyembezi, ukuboshwa kanye nokudubulana ngenxa yombhikisho wabo.

Umphakathi usale ungenagesi, izindlu zangasese namanzi usola iDolobha ngokunganakwa.

Izitolo zivaliwe futhi akekho ovunyelwe ukuphuma ezakhiweni zase-Social Distance eKhayelitsha.

Le ndawo ivaliwe, hhayi ngokuthanda, kodwa ngoba umthetho ucindezela izakhamizi ezithukuthele ezibhikishela iDolobha laseKapa.

U-Amanda Jokweni, ohola ikomiti lendawo, uthe izinkinga ziqale ngoLwesibili ngeledlule ngesikhathi kunqanyulwa ugesi.

“Asiqondi ukuthi kungani benqamule ugesi wethu,” kusho uJokweni.
“Sinesivumelwano nabanikazi bezindlu abasivumela ukuthi sixhume ezindlini zabo futhi sikhokha u-R350 ngenyanga asikwenzi lokhu mahhala.”

Uthe ngeke bayeke ukubhikisha kuze kube izikhulu zoMkhandlu zikhuluma nabo mathupha.

“Akusiyo indaba kagesi kuphela, nathi asinawo amanzi nezindlu zangasese, iDolobha kade lisishaya indiva, labe selisinqamula ugesi njengoba kade sizama ukuhlonishwa okhethweni eminyakeni emibili edlule,” kusho uJokweni.

Uthe izikhulu zihlale zigxeka into eziyibiza ngokuthi i-missing signature ngaphandle kokuchaza ukuthi kusho ukuthini.

UJokweni wengeze ngokuthi abomthetho babatshele ukuthi bawuqede umbhikisho kungenjalo bazothathelwa izinyathelo ezinqala.

“Bathe bazofaka isisi esikhalisa unyembezi yonke indawo, babophe abantu baze badubule uma kufanele.

Ebesikufuna bekuyimpendulo evela kwiDolobha. Kunalokho, lena yindlela abasiphatha ngayo kodwa ngeke sihlehle.”

Uthe balandele yonke imigudu yeDolobha futhi banobufakazi be-imeyili, kodwa abakaze baphendulwe.

IDolobha liphendule lathi: “Izimfuno zabo ziyaziwa. Yize silihlonipha ilungelo lokubhikisha, kumele kube nokuthula futhi kube semthethweni.”

Bathe amathimba kagesi eDolobha, u-Eskom kanye nabezomthetho basanda kususa ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho ezingxenyeni ezithile zaseKhayelitsha.

“Ukuxhunywa ngokungemthetho kuthinta izinga lezinsiza futhi kulimaze nengqalasizinda kagesi,” kusho iDolobha.

Baphinde bathi izakhiwo eznidala ezindaweni ezingaphansi kweDolobha zinogesi.

Kepha izindawo eziningi ezintsha ikakhulukazi lezo ezavela ngesikhathi se-Covid-19 zisezindaweni ezisengozini enkulu lapho izinsiza zingakwazi ukuhlinzekwa ngenxa yezinkinga zomhlaba, ubunikazi obuzimele noma ukuntuleka kwezinhlelo zengqalasizinda.

IDolobha lithe libheka zonke izakhiwo ukuze libone ukuthi zingalethwa yini futhi lagcizelela ukuthi izinsiza zincane.

“IDolobha alikubekezeleli ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho futhi lizoqhubeka nokuvikela ingqalasizinda yalo kagesi,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: izakhamizi zasezakhiweni zase-Social Distance ezivalelwe kulandela umbhikisho oqale ngesonto eledlule ngoLwesibili.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva