Izakhamizi zaseJukulyn zicela ukungenelela komoya ongcwele ukulwa nobugebengu

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Emzamweni onzima wokuqeda ubugebengu zibuyise nesithunzi endaweni, izakhamuzi zase-P-block e-Soshanguve ziphendukele emkhulekweni ngoMgqibelo.

Lo mkhuleko uza ngemuva kokuthi kubulawe abahlali abane – uVuyo Zinnele (14), uPhomolong Malakapatlo (28), uThando Dlamini (32) noMpho Kgobotlo (29) oyiphoyisa esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport – ngoNcibijane esigamekweni okusolwa ukuthi sihlobene nempi yezigebengu. 

Eminyakeni edlule, ilokishi elidume nge-Jukulyn seliphenduke layingozi kakhulu kuleli.

Ukwanda kobugebengu kudalwa ukudlanga kwezidakamizwa nezimpi ezikhona phakathi kwabadayisi.

Izinsizakalo ezibalulekile njengama-ambulensi, izimoto zikamasipala kanye nezimpahla ezithwala izidumbu kufanele ziphelezelwe amaphoyisa noma onogada ukuze zifinyelele la eziya khona.

Ekhuluma emkhulekweni, uNgqongqoshe wezeMpilo e-Kurhuleni uNomantu Nkomo-Ralehoko, uthe kukhombisa ngokusobala ukuthi ilokishi lidinga ukuthi wonke umuntu ahlangane ukuze alwisane namaqembu asongela ukuthula nokuphepha.

“Kumele sithandaze kakhulu ngoba esikhathini esiningi abantu abalimalayo noma abashonayo yilabo abamsulwa ikakhulukazi izingane.

“Kusiphoqa ukuthi sibhekane ngqo nalezi zimo ezimbi, sifune ukungenelela kukaNkulunkulu futhi sibhekisise nezimbangela ezijulile zodlame kule ndawo. Lesi yisihlava okumele silwe naso sibumbene,” esho.

Umculi wowokholo uSolly Moholo wethule icwecwe lakhe lama-piano elisihloko sithi -Stop Killing the Police emkhulekweni. 

Unxuse labo abadayisa izidakamizwa noma abenza ezinye izenzo zobugebengu ukuthi bayeke wanxusa izakhamuzi ukuthi zibambisane namaphoyisa ngokuwabikela wonke amacala.

Isakhamuzi uMasego Motsamai uthe unethemba lokuthi lo mcimbi uzothambisa izinhliziyo zezigebengu zakuleli lokishi.

“Sikhathele ukusabela izimpilo zethu emigwaqeni nasemakhaya; siphoqeleka ukuthi sikhiye iminyango ngisho nasemini.

“Lezi zigebengu zize zebe izingubo zethu nasocingweni lokuneka,” esho.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zase-Jukulyn zihlanganyela emthandazweni. 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva