Izakhamizi zaseHammanskraal zivule umtholampilo obungasebenzi

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Izakhamizi zase-Hammanskraal zenze umcimbi mbumbulu wokusika iribhoni ngoMsombuluko zimemezela ukuthi umtholampilo ongasebenzi usuyasebenza.

Lo mtholampilo omusha awukaze usetshenziswe selokhu wakhiwa eminyakeni eyisithupha edlule.

Imizamo yangaphambilini yezakhamizi yokuvula umtholampilo yavinjwa abezokuphepha.

Izakhamizi zibe sezivala umtholampilo iMandisa Shiceka obuhlinzeka ngezidingo zezempilo etendeni elicekeleke phansi.

Kodwa-ke, abahlengikazi abebesebenza kuleli tende basale bedidekile futhi benovalo.

Bayalelwe izakhamizi ukuthi bengalubeki unyawo emtholampilo omdala futhi bazi kahle ukuthi kumele kulandelwe imigudu efanele ngaphambi kokuthi basebenze kulo mtholampilo omusha.

Umhlengikazi ophezulu ongadalulwanga igama uzwakalise ukukhathazeka ngokuphepha kwabasebenzi neziguli.

“Awukwazi ukuvuka nje uthuthele kwesinye isikhungo sezempilo. Kunezinqubo ezimisiwe okufanele zilandelwe ngochwepheshe,” esho.

“Sithole izinsongo ezivela kwizakhamizi ezisexwayise ngokuthi singabuyeli emtholampilo omdala. Abahlengikazi bathukile ngempela. Ngeke sikwazi ukungena emtholampilo omusha ngaphandle kokugunyazwa nokuqondiswa iziphathimandla kanye nochwepheshe.”

Ugcizelele isidingo sendawo yokunakekelwa kwezempilo efanelekile.

“Umtholampilo wethu wesikhashana njengamanje uyitende elidala elingenwa amakhaza nemvula. Kudala izinselelo uma kukhulunywa ngokunakekelwa kweziguli,” esho.

Usivumile isifiso sabahlengikazi sokuya emtholampilo omusha owakhiwa eminyakeni eyisithupha edlule kanye nokudinwa kwezakhamizi. Yize kunjalo uthe okwenziwa izakhamizi akuyona indlela efanele yokubhekana nalesi simo.

Isakhamuzi uLerato Molapo uthe udinwe ukukhathazeka kwabahlengikazi.

“Kungani kunzima kangaka kubo ukuthi bathuthele imibhede, imithi kanye namafayela emtholampilo ovikelekile wesimanje? Kwenza mehluko muni uma kwenziwa usopolitiki noma thina zakhamizi ezizosebenzisa lo mtholampilo?” ebuza.

UMolapo uthe okufunwa kakhulu abahlengikazi ukuthwebula izithombe nosopolitiki.

“Abajabulile ngoba yithina zakhamizi esisike iribhoni savula umtholampilo ngokusemthethweni. Sehlise umthwalo wabo kumele bakuthokozele lokho futhi bakubungaze,” esho.

UMotalatale Modiba ovela eMnyangweni wezeMpilo eGoli uchaze ukuthi uMnyango wezokuthuthukiswa kwengqalasizinda usebenzela ukubhekana nezidingo ezivezwe umasipala wase-Tshwane.

Lokhu kubandakanya ukufakwa kwamarobhothi ku-Hammans Street lapho umtholampilo okhona.

“Ukugunyazwa kokugcina kweminyango eyahlukene yase-Tshwane njengokulawulwa kwemvelo nokulahlwa kwemfucuza kusalindile. Uma lezi zimvume sezitholakele umasipala uzokhipha isitifiketi somsebenzi esivumela isikhungo ukuthi sisebenze ngokugcwele,” kusho uModiba.

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zase-Hammanskraal zivula umtholampilo omusha osekuphele iminyaka eyisithupha ungasebenzi.

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva