Izakhamizi zaseGugulethu zithandazele izinkinga ezibhekene nazo njengomphakathi 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

NgoLwesibili, abasontayo, abaholi bendabuko kanye nezinye izakhamuzi zaseNewrest eGugulethu, eKapa, ​​bahlangane ukuze bacele usizo kuNkulunkulu.

Amalungu omphakathi abe nomhlangano womkhuleko wokubhekana nokuntuleka kwemisebenzi, ukwanda kwezidakamizwa, ubugebengu nokukhulelwa kwentsha.

UNwabisa Zama ongumgqugquzeli walo mcimbi uthe: “Sike sahlangana nezinhlaka ezithintekayo, sasebenzisana nezinhlangano ezahlukene, sazama ukuqhamuka nezinhlelo zokulwa nezinkinga ebesibhekene nazo kodwa azisebenzi, manje sesicela uNkulunkulu ukuba alethe ukuthula emphakathini wethu.”

UZama uthe amaphoyisa ayayenza indima yawo kodwa ngeke akwazi ukwenza lokhu ewodwa. 

“Sibe nembizo lapho besikhuluma ngakho konke okuhlupha lo mphakathi, nathi njengezakhamizi siyazama ukudlala indima yethu,” kusho yena.

“Ukuntuleka kwemisebenzi kuyimbangela yezinkinga eziningi okubalwa nentsha egcina idle izidakamizwa notshwala ngoba icindezelekile.

Uphakamise ukuthi eminye imisebenzi inganciphisa ubugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa.

UZama uthe ukuntuleka kwemisebenzi kuwumsuka wazo zonke izinkinga umphakathi obhekene nazo.

“Sinokukhulelwa kwentsha, futhi ngalokho ngizophinde ngisole ukuntuleka kwemisebenzi nobumpofu. Ukube abazali bentsha bebesebenza, izingane zabo bezingeke ziziphonse emadodeni amadala ukuze zithole ukudla nezinye izinto,” kusho yena. 

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi elokishini laseGugulethu, eKapa, ​​zihlangene ukuze zikhulekele ukulwa nokuntuleka kwemisebenzi, ukusabalala kwezidakamizwa, ubugebengu kanye nokukhulelwa kwentsha.

Umthombo: UBuziwe Nocuze.

Izihloko zakamuva