Izakhamizi zase-KZN zisebenzise amanzi awodwa nezinkomo

Lungani Zungu

Amanzi angcolile ashiye ukunambitheka okumuncu emilonyeni yabahlali abakade babelana ngamanzi abo nezinkomo nezimbuzi.

USibongile Khumalo (oneminyaka engama-60) okhulele esigodini saseMsinga e-KZN uthe kukho konke ukuphila kwakhe ukukhala kwabo ngosizo lwamanzi akukaze kuphendulwe.

“Angikaze ngicabange ukuthi kukhona okungahambi kahle ngokuphuza amanzi nezinkomo nezimbuzi, kodwa kunzima manje ngoba siyazi ukuthi abanye abantu banamanzi ahlanzekile,” uyasho.

Umama wezingane ezine ufuna ukubona isigodi  sangakubo sithola amanzi ngaphambi kokuba ashone.

“Asisazilweli thina kuphela, kodwa sikwenzela abazukulu bethu abasakhula.”

Indodakazi yakhe uNomthandazo ithe kujwayelekile ukuthi kubonakale abantu belinde eceleni kwezinkomo emfuleni oseduze ukuze bathole amanzi.

“Sima nezinkomo emfuleni ngoba ayikho enye into esingayenza,” kusho uNomthandazo.

“Uma ingekho imali njengoba uhulumeni ehlezi esho, okungenani bangakwazi ukusakhela imigodi. Lokho kungaba ngcono kakhulu kunokubanga amanzi nezinkomo,”

Bethukutheliswe ukungabikho kwamanzi ahlanzekile, izakhamizi zaseMsinga zibambe uhide lwamamashi. Umbhikishi uThabani Mhlongo uthe: “Sesiphendukele embhikishweni ngoba akekho obonakala ngathi usikhathalele. Ngicabanga ukuthi osopolitiki bethu bayaluqonda ulimi lokubhikisha ukwedlula noma yiziphi ezinye. Sizolwa size sithole amanzi.”

IMeya uBuyiswa Ngcobo uthe basebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abahlali bathola amanzi.

“Kungizwisa ubuhlungu ukuthi abahlali bethu abanawo amanzi. Le nkinga ihamba phambili ku-ajenda yami. Njengomasipala wendawo sizofaka ingcindezi kumasipala wethu wesifunda uMzinyathi ukubhekana nokushodayo.”

Izihloko zakamuva