Izakhamizi zase-Kariega ezahlaselwa izikhukhula zigcine sezithuthele endaweni ephephile

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Abagilwa bezikhukhula zase-Kariega bagcine bethuthelwe ezindlini eziphephile, ngemuva kwezinyanga ezine kwacekeleka phansi imizi yabo.

NgoLwesibili, abantu abangu-20 basusiwe e-Lapland nabahlanu endaweni yase-McCarthy.

UMasipala waseNelson Mandela Bay uthe ukususwa kwezakhamizi endaweni yase-Lapland ethandwa yizikhukhula e-Kariega zayiswa ezindlini zesikhashana endaweni ephephe kakhulu i-Van Rooyen kuqhubeka kahle.

“Abantu abangu-25 abathuthiwe banezela kwabangu-30 abathuthelwa kule ndawo ngesonto eledlule. Sebebonke bangu-55 abantu asebethuthelwe kwezinye izindawo, kanti kulindeleke ukuthi abanye bathuthelwe kwezinye izindawo njengoba kuqhubeka isonto.

Okhulumela umasipala uMthubanzi Mniki uthe: “Lokhu kuthuthwa kwabantu kulandela ukulungiswa kwezindawo okuhlanganisa izicelo zokuhlolwa komthelela wezemvelo, ukuxoxisana nomphakathi kanye nokwakhiwa kwezindlu zesikhashana.”

Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuHlaliswa kwaBantu uThembinkosi Mafana uthe lesi sinyathelo siphuma ekusebenzisaneni kwezinhlaka ezahlukene zikahulumeni.

“Kuyasijabulisa ukuthi siyabathutha abantu base-Lapland nase-McCarthy. Manje bazochitha uKhisimusi wabo endaweni ephephile ngesikhathi belinde izindlu zabo zomxhaso.

“Lena yimizamo esiyenzayo njengohulumeni onakekelayo ukuqinisekisa ukuthi abantu bahlala benesithunzi, noma bengakabi nazo izindlu ezisemthethweni,” kusho uMafana.

Omunye wabahlali base-Lapland abathuthiwe, u-Elsie Seekoei, uthe ujabule kakhulu ngokuthi usethuthele endaweni ephephile ngemuva kokuba ahlaselwe izikhukhula amahlandla amaningi.

“Sengibuzwile ubuhlungu izikhathi eziningi. Kuyajabulisa ukwazi ukuthi namuhla njengoba imvula iqhubeka nokuna, ngizophepha. Ngibonga kakhulu ngalokhu,” kusho yena.

Ukuthutha kuzoqhubeka kuze kube yonke imindeni engu-154 ethintekile isisusiwe ezindaweni zase-Lapland, e-McCarthy nase-Grogro.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zithuthela ezindlini zazo zesikhashana ezintsha endaweni yase-Van Rooyen e-Kariega.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva