Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izakhamizi zase-Atlantis ebezidinwe zishise imoto ebisetshenziswa amasela abephuca abantu omakhalekhukhwini endaweni ngoMgqibelo.
Isishoshovu sendawo uNolufefe Mbombo sithe lokhu sekwenzeke kaningi muva nje.
“Besibhekane nokuhlwithwa omakhalekhukhwini. Abasolwa abasebenzisa izimoto bayama bathathe izimpahla zezakhamizi ikakhulukazi omakhalekhukhwini, kunzima ukuphatha izingcingo ngisho emini,” kusho uMbombo.
Uthe abantu abasebasha abasebenzisa izindawo ze-Wi-Fi yibona abajwayele ukubanjwa kakhulu.
“Izigebengu bezigadla kakhulu kubantu abasha abavakashela izindawo ezine-Wi-Fi bebefika bathathe bonke omakhalekhukwhini babo. Ngosuku lwesigameko izakhamuzi zibone imoto ipake ndawana thize, mhlawumbe bebefuna abanye abazobabamba inkunzi.”
Ngesikhathi izakhamuzi zibona le moto eziyaziyo ukuthi isetshenziselwa izigebengu zivele zayishisa.
Esinye isakhamuzi esigodliwe igama laso sithe bebefuna ukubamba izigebengu.
“Besihlose ukubashisa kanye nemoto kodwa babaleka. Angazi mhlawumbe kukhona obatshele ukuthi siyeza ngoba bebengaphakathi emotweni.”
“Sifuna bazi ukuthi sizobathola. Sesikhathele ukuhlala ngokwesaba ngenxa yabo. Manje sesiyitholile imoto ngokuzayo ngeke baphunyuke.”
Abantu sebesaba ukuphatha omakhalekhukhwini ngisho emitholampilo.
“Uma sikhala ngabantu abaqhamuka kwamanye amazwe sithathwa njengabantu abacwasa abantu bokufika kodwa iqiniso ukuthi basidalela izinkinga. Ngisho imoto ibishayelwa abokufika,” kusho isakhamuzi.
Esithombeni esingenhla: Amalungu omphakathi wase-Atlantis eWestern Cape ashise imoto yezigebengu okuthiwa bezibaphuca omakhalekhukhwini.
Umthombo: Sithunyelwe
