Izakhamizi zase-Alex zikhishwe kuma-containers okuthutha angekho emthethweni

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Inqwaba yezakhamizi zase-Alexandra zixoshiwe kuma-container okuthutha impahla ebezihlala kuwo ngokungemthetho.

Ngemuva kwezixwayiso eziningi, amaphoyisa eSAPS, uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli kanye nenkampani ezimele yonogada bakhiphe izakhamizi ekuseni ngoLwesithathu.

Amaphoyisa nonogada bagqekeze kuma-container balahla izimpahla zabantu, impahla okubalwa kuyo omatilasi nokudla.

Izakhamuzi ebezishaqekile nebezidinwe zigane unwabu, ziculile zaqala zabhikisha. Lezi zakhamizi zisole lezi zikhulu ngokubulala uMnuz Moshe Mphahlele, obeyikhansela le-EFF, ngenyanga edlule ngesikhathi ezama ukumisa ukukhishwa kwabantu endaweni.

UMoshe ukhunjulwe njengendoda eyayihlale ilwela amalungelo abampofu.

Esinye isakhamuzi, uLizzy Mphako, uthe basazoqhubeka nokulwa. “Noma bengasibopha sonke, sizobuya (futhi) mhlampe bazosibulala njengoba benzile kuMphahlele,” usho kanje.”

Kuboshwe abantu abaningi ngesikhathi kuqhubeka lo mbhikisho bayiswa esiteshini samaphoyisa eBramley.

Izakhamizi zibhikishe ngamathayi avuthayo kodwa amaphoyisa asheshe abamisa ababhikishi. Iziphathimandla zisasele kule ndawo, zizulazula emigwaqweni ukuze zilawule isimo.

Akukhona okokuqala lezi zakhamizi zixoshwa.

NgoNhlolanja, imindeni engaphezu kuka-50 yakhishwa kuma-container afanayo, futhi eminye yakha izindlu zesikhashana ngaphandle kwesiza.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi ezixoshiwe kuma-container eMarlboro.

Umthombo: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva