Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Izakhamizi zase-Barcelona Kwa-Thema, e-Ekurhuleni zazijabule ngesikhathi kwenzeka umnyakazo kwindawo yazo enepaki i-Matlala ngo-2018.
Injabulo kwaba eyesikhashana ngesikhathi kumiswa ukwakhiwa kwepaki yesifunda ebiza u-R40 million, kanti lokhu kwenzeka ngesikhathi somvalelandlini kazwelonke.
Namanje awukakabi khona umnyakazo.
Ipaki yesifunda yayihloselwe ukunikeza izidingo zazo zonke izingane endaweni okuyindawo abazodlala kuyo, ozwingi, kanye nezindawo zokuzivocavoca.
Njengamanje sekuyindawo edumile okudla khona imfuyo, izindawo zokudlala zigcwele indle, ezinye izindawo alusekho ucingo okubiyelwe ngalo abanye ozwingi baphukile kanti abanye abasekho nhlobo.
Isakhamuzi esikhathazekile, uJohannes Busakwe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bakhathazekile ngesimo sale paki.
“Njengamanje sisabela ukuphepha kwezingane zethu epaki ngisho nasemini njengoba sibona kungaphephile futhi ebusuku amalambu awasebenzi.
“Izingane zesikole ezisebenzisa ipaki njengendlela enqamulelayo zihlaselwa izigebengu. Ngenyanga edlule kutholwe isidumbu somfana oneminyaka engu-24 ngaphandle nje kwepaki.”
UBusakwe uqhube wathi ngesikhathi kwakhiwa leli paki babenethemba lokuthi izosiza izingane zakule ndawo, eziphoqeleke ukuthi zihambe ngezinyawo ziye epaki yase-Bulitando eqhele ngamakhilomitha ayishumi.
Ikhansela laku-wadi-80, uNksz Celiwe Nkosi-Ramothibe, uthe masonto onke uthola umbiko mayelana nokucekelwa phansi kwempahla nokuguguleka kwendle kule paki.
“Ngebhadi ngeke sikwazi ukuqoka inkampani yonogada ekubeni ipaki ingakapheli. Okwamanje sikhiphe amalungu omphakathi azolekelela ukuqinisekisa ukuphepha kwepaki.
“Ngosizo lwabaqaphi sikwazile ukuhlonza ukuthi lukuphi ucingo oluntshontshiwe kanti njengamanje simatasa sizama ukulubuyisela.”
Wengeze ngokuthi usebhalele uMasipala ecela ukuthi kuqedelwe ukwakhiwa kwepaki.
Isithombe esingenhla: Indawo yokudlala egcwele indle
Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo