Izakhamizi sezihoba ezindlini ebusuku ngemuva kokubulawa kosaziwayo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zase-Tshwane sezinovalo lokujabulela impilo yasebusuku ngenxa yokubulawa ngesihluku kwamaciko nabanikazi bamabhizinisi ngendlela ebukeka sengathi itulo lokubulala.

Lokhu kulandela ukubulawa ngesihluku komculi we-soul uPeter Mabuse obedume ngelikaDJ Mashata ezintatha zangeSonto.

UMabuse ubesuka e-Epozini Lifestyle egudla u-Aubrey Matlala Street e-Soshanguve ngesikhathi imoto abehamba ngayo idutshulwa ngezinhlamvu eziningi.

Isakhamuzi sase-Tshwane uThato Mofokeng uthe ukuyozithokozisa ezindaweni zasemalokishini sekuyingozi kule minyaka.

“Akusaphephile ukujabulela impilo yasebusuku ngoba lokhu kungasho ukuthi njalo kumele ulokhu uqalaza ngemuva kwemizuzu emibili ubheka abantu abasolisayo.

“Abanikazi bamathaveni, osaziwayo nabanikazi bezindawo zobumnandi zomphakathi bayabulawa futhi lokhu kubulala kwenziwa esidlangalaleni kanti kubeka izimpilo zabanye abantu engcupheni,” usho kanje.

Esinye isakhamuzi uMnuz Shadi Mokgolobotho uthe badinga uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ukuze abhekane nesihlava sobugebengu endaweni.

“Sidinga uhlelo lokusebenza lokuthi amaphoyisa ahlela kanjani ukuqeda izigebengu emalokishini ethu; asikwazi ukuqhubeka nokuphila ngokwesaba kanje.

“Laba bantu baziphatha njengabantu abangathintwa. Akulungile ukuthi manje siphoqeleke ukuthi siphile ngokuvumelana nabo ngesikhathi beqhubeka nokubulala abantu esibathandayo,” kusho yena.

Abanye abantu asebebulewe e-Tshwane eminyakeni emibili edlule bahlanganisa: Ingqalabutho yomculo we-Bacardi u-Itumeleng Mosoeu owaziwa ngelikaVusi MaR5 owadutshulwa wabulawa ngomhlaka-30 kuMasingana nyakenye.

Mhla zizinye kuMasingana kulo nyaka uThando Dlami, uPhomolong Malakapatlo, uVuyo Zinnele kanye no-Constable uMpho Kgobotlo wamaphoyisa kwezokuxhumana, badutshulwe babulawa e-Jukulyn esigamekweni sokuhlasela esihlobene nezidakamizwa.

UDJ we-Bacardi kanye namapiano uDuduetsang “DJ Skinny Deep” Maluleka udutshulwe wabulawa ngomhlaka-29 kuMasingana.

UKeletile Mthata ongumphathi ehhovisi likaNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula udutshulwe wabulawa ngesichotho sezinhlamvu ngesikhathi ephuma ethaveni iMolewa Pub and Grill e-Hebron ngomhlaka-25 kuNdasa.

UNondo Ngoma, uThemba Lawrence Makhubela kanye noDede Mokale babulawe esigamekweni sokudutshulwa esenzeke e-Nicky’s Tavern e-Mabopane ngomhlaka-25 kuNdasa; Umnikazi wethaveni u-TT Makinta uye wasinda  kulokhu kuhlasela.

Esithombeni esingenhla: UDJ Mashata odutshulwe wabulawa ngeSonto ekuseni.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva