Lubhalwe ngumbhali we-Stuff
Ingxabano phakathi kwamaqembu ezigebengu mayelana nokuqoqwa kwemali ye-mafia ezinkampanini zasePhilippi, eKapa, iphoqe izakhamuzi ukuthi zihlale emakhaya.
Ngempelasonto kusabalale umyalezo ezinkundleni zokuxhumana othi izindawo zaseLower Crossroads naseMarcus Garvey ziyingozi. Abantu batshelwe ukuthi bagcine izingane zabo ekhaya zingayi esikoleni futhi zihlale ngaphakathi.
Abantu abaningi balalela isixwayiso. Esinye isakhamuzi sithe sigcina umndeni waso ngaphakathi usuku lonke.
“Lo myalezo ngiwubone ngoMgqibelo ngathi wonke umuntu wasekhaya akahlale ngaphakathi ngoMsombuluko, anginendaba noma umnyalezo ongamanga ngoba lezi zigelekeqe zibanga imali yokuvikela,” kusho yena.
Lezi zigebengu zifuna ukulawula imali eqoqwa emabhizinisini endawo.
“Kubuhlungu ukuthi benza impilo yethu ibe nzima. Sivaleleke ezindlini zethu, sesaba izinhlamvu eziphaphalazayo. Uthuleleni uhulumeni wethu?” kusho yena.
Esinye isakhamuzi sithe ukulwa kuzophela uma iqembu lezigelekeqe lihlala endaweni yangakubo.
Siyacela bayeke ukulwa, kuyasiphula izinhliziyo ukubona abantu abamnyama bebulalana bodwa,” usho kanje.
Ugcine nezingane zakhe ekhaya.
“Ngiye emsebenzini kodwa ngatshela izingane zami ukuthi zihlale ngaphakathi. Lokhu akulungile, ngeke ngimangale uma izingane zethu zifeyila ngoba zilova kakhulu esikoleni,” esho.
UMnyango wezeMfundo eWestern Cape uthe lincane kakhulu inani labafundi abafunda ezikoleni iPhakama, iVuyiseka, iVukani, nePhandulwazi ngenxa yokusaba udlame.
“Sicele amaphoyisa endawo ukuthi aqaphe izikole ngezikhathi zokuphuma,” kusho uBronagh Hammond. “Ukwanda kwezinsongo zodlame kuyakhathaza, futhi sizoqhubeka nokukhuluma nabezomthetho.”
Isithombe esingenhla: NgoMsombuluko, izakhamuzi eziningi zaseMarcus Garvey kanye naseLower Crossroads zigcine izingane zazo emakhaya ngemva kokuthola umlayezo oxwayisa kanjalo.
Umthombo: sithunyelwe