Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abashayeli bezimoto baseKapa abazame ukusebenzisa umgwaqo u-Old Faure ngoMgqibelo, u-M49 ngaseKhayelitsha baxoshwe izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu ngemuva kwengozi edlule nemiphefumulo emibili yashiya abantu abaningi belimele.
Ngemuva kwengozi eyenzeke ngoLwesihlanu, izakhamizi zasemijondolo yase-Covid-19 esemngceleni womgwaqo zinqume ukuwuvala.
U-Anele Mpiti ongumholi womphakathi uthe izakhamuzi azizami ukwenza impilo yabashayeli ibe nzima ngokuvala umgwaqo.
“Abantu abangenacala balahlekelwa izimpilo zabo nsuku zonke, ikakhulukazi ngezimpelasonto. Sithola izidumbu zabantu abashayiswe izimoto ebezihamba ngesivinini esiphezulu. Abashayeli bezimoto bahlezi behamba ngesivinini esiphezulu kulo mgwaqo. Akuwona uthelawayeka lona, kumele bakuqonde lokho,” kusho uMpiti.
Lezi zakhamizi zibize ikhansela lewadi uMnuz Ernest Madikane ngaphambi kokuthi ziqale umbhikisho kodwa uMpiti uthe akakaze aphendule.
“Ukube ufikile ngesikhathi simbiza ngemuva kwengozi ngabe asikho lapha namuhla ngoba njengomholi wethu besifuna asikhombise indlela aphinde asicebise ngokufanele sikwenze kodwa akazange afike,” kusho uMpiti.
UMadikane uthe uke wayivakashela le ndawo ngemuva kwengozi.
“Sixoxile nemindeni elahlekelwe imijondolo ukuze sibone okumele sikwenze ukuya phambili. Sibanike ukudla kodwa ngemuva kokuthi sihambe ngizwe kuthiwa kunombhikisho.”
Ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wangoMgqibelo, imoto ebihamba ngesivinini esiphezulu ishayise izakhamuzi ezintathu ebezimatasa zisiza umuntu obephukelwe imoto eduze komgwaqo.
Ababili balwela izimpilo zabo esibhedlela kanti owesithathu ulimale emlenzeni.
Imijondolo emibili kaNolitha Balimani icekeleke phansi ngemuva kokushayiswa itekisi ngoLwesihlanu.
“Angazi ukuthi sisinde kanjani kodwa ngizwe umsindo omkhulu – futhi nezimoto ezimbili ebezingaphakathi egcekeni nazo zilimele,” kusho uBalimani.
ULulama Mahleza (45) ohlala e-Covid-19 uthe uMadikane kumele eze azokhuluma nabo.
“Sidinga ukuthi azame ukuthola izinciphisajubane… ukuze kwehliswe ijubane ezimotweni ezigijimayo. Kodwa njengoba ebaleka sinqume ukuzakhela zona njengesixazululo sesikhashana,” kusho uMahleza.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uthe amaphoyisa aseMfuleni avule idokodo lokubulala ngokungenhloso ukuze kuqhutshekwe nophenyo kulandela ingozi eyenzeke emgwaqeni u-Old Faure.
“Imininingwane yokuqala iveza ukuthi umshayeli wetekisi ye-Quantum uhlulekile ukuyilawula kanti kusolakala ukuthi iphaphalazile yashayisana nemoto ehambisa amalambu yaphaphalaza yaphuma emgwaqeni. Ungene emijondolo embalwa eduze komgwaqo washayisa izimoto ezimbili ebezimile,” kusho uPojie.
UPojie ukuqinisekisile ukushona komshayeli wetekisi (35).
“Abagibeli [betekisi] abambalwa abathole imihuzukwana baphuthunyiswe esikhungweni sezokwelapha ukuze beyolashwa, umshayeli wemoto ethwala amalambu naye uhlulekile ukuyilawula washayisa inqola yesiteshi. Umshayeli (25) we-station wagon naye ushonele endaweni yesigameko,” kusho uPojie.
Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zasemijondolo yase-Covid-19 zivale umgwaqo u-Old Faure ngemuva kwengozi edlule nemiphefumulo yabantu abathathu, kwalimala abaningi yashiya izakhamuzi zingenamakhaya.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze