Izakhamizi ezingeneme zifunge zagomela ukuthi zizoluduba ukhetho

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

Izakhamizi eziphelelwe ithemba eziphuma ezigodini eziyisithupha e-Vhembe, e-Limpopo zivale yonke imigwaqo engenela ezigodini zazo zifuna ukuthi imigwaqo yazo ewubhuqu ithuthukiswe ibe yitiyela.

Bafunge bayagomela ukuthi bazoluduba ukhetho lukazwelonke oluzayo uma izikhalo zabo zingasukunyelwa ngokushesha.

Izakhamizi zaseDididi, uTshilungoma, uTambaulate, uMulenzhe, uGumbani kanye noDovheni, zonke ezizinze ngaphandle kwase-Thohoyandou zifuna umgwaqo u-D3717 osuka ezimpambanweni zomgwaqo u-R524 (Punda Maria oholela e-Kruger National Park) uthuthukiswe ube umgwaqo oyitiyela.

UFhumulani Munyai oyisakhamuzi sasesigodini sase-Dididi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sebekhathele izethembiso eziyize ezivela kuhulumeni. UMunyai uthe izakhamizi zathenjiswa ngo-2018 ukuthi imigwaqo eya ezigodini izofakwa itiyela kodwa ingxenye encane engaphansi kuka-7km yafakwa itiyela ngaphambi kokuba kumiswe ukwakhiwa komgwaqo.

Yize izakhamizi zathenjiswa ukuthi imigwaqo yobhuqu engaphezulu kuka-29.6km eholela kuzo zonke izigodi eziqanjiwe izofakwa itiyela, iminyaka isihambile basaqhubeka nokulinda ize.

“Sibabekezelele iminyaka njengoba lo mgwaqo bekumele wakhiwe uqedwe eminyakeni emihlanu edlule kodwa sisalindile futhi abakwenzayo basithembisa ukuthi kuzoqhubeka ukwakhiwa. Kodwa sekuyiminyaka silindile manje,” kusho uMunyai.

UMunyai uthe izakhamizi zidonsa kanzima ngenxa yemigwaqo ewubhuqu engalungiswanga. UMunyai osebenza njengomphathi esitolo esisenxanxatheleni yezitolo e-Thohoyandou, uthe uvamise ukufika sekudlule isikhathi emsebenzini yize esheshe waphuma ekhaya.

“Nsuku zonke kuba nzima ngenxa yale migwaqo engemihle, ikakhulukazi ngezikhathi zemvula njengoba kuba nzima ukushayela odakeni. Bheka nje ukusuka ngakithi e-Dididi kumele kungithathe isikhathi esingaphansi kwehora ukufika enkabeni yedolobha i-Thohoyandou kodwa ngenxa yale migwaqo kungithatha amahora angaphezu kwamathathu,” kusho uMunyai.

Izakhamizi ebezibhikisha zivale umgwaqo u-D3717 ngamatshe nezinto ezivuthayo.

UMnuz Richard Magosha ohlala esigodini sase-Mulenzhe uthe ngenxa yemigwaqo engemihle baphucwa ilungelo labo lokuthola usizo lwezempilo ngesikhathi.

“Abantu bayashona kungenasidingo ezigodini zethu ngoba noma sibiza abezimo eziphuthumayo bavame ukufika sekudlule amahora amaningana futhi uma sibabuza ukuthi kungani bethathe isikhathi eside kangaka, bahlezi begxeka isimo esibi semigwaqo ewubhuqu engaphakathi ezidaweni zethu,” kusho uMagosha.

UMagosha uthe sebehlukumezeke kwanele, futhi bakholelwa ekutheni sekuyisikhathi sokuthi kulungiswe izikhalo zabo.

“Sakwanele. Kukhona okumele kwenziwe ngokushesha ukubhekana nalesi simo. Kusifanele futhi ukuba nemigwaqo yetiyela njengeminye imiphakathi. Ngisho namatekisi awafuni ukungena ngaphakathi ezindaweni zethu ngenxa yesimo esingesihle semigwaqo. Lokhu kumele bakulungise ngokushesha,” kusho uMagosha.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngoMsombuluko endaweni yesigameko, uMaanda Baloyi uthe uma benganikwa imininingwane ebambekayo yokuthi uzoqala nini umsebenzi wokulungisa imigwaqo yabo ewubhuqu, ngeke babambe iqhaza okhethweni oluzayo.

“Sikhathele ukulinda futhi uma bengasitsheli ngezinsuku ezifanele ukuthi imigwaqo yethu izofakwa nini itiyela ngeke sivote futhi ngosuku lokuvota sizovala yonke imigwaqo engenela ezigodini njengoba senza namuhla,” kusho uBaloyi.

UBaloyi uthe ngenxa yemigwaqo engemihle bazizwa beqhelelene nezinye izigodi zase-Vhembe.

“Kunzima ukusuka ezigodini zethu siye kwezinye izigodi zase-Vhembe noma siyothenga enxanxatheleni yezitolo yase-Thohoyandou. Yonke into inzima ngenxa yale migwaqo engemihle futhi phezu kwalokho basalindele ukuthi sivote ekubeni silapha sihlupheka futhi akekho obukeka enendaba nezikhalo zethu,” kusho uBaloyi.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabakwa-Road Agency Limpopo (RAL) ayiphumelelanga. I-RAL ibhekelele ukwakhiwa komgwaqo u-D3717.

Esithombeni esingenhla: Bekugcwele amaphoyisa endaweni yombhikisho.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva