Uhlawuliswe ngamaphoyisa owesifazane ozame ukugwema imithetho yomvalelo ngokuhamba nomyeni wakhe ambize ngenja.
Owesifazane wamiswa ngamaphoyisa e-Canada ngokwephula umthetho wesikhathi sokubuyela ekhaya we-Covid.
Izaba zakhe? Uthe umyeni wakhe wayeyinja, kubika i-La Tribune.
Imithetho yesikhathi sokubeyela ekhaya, efana neyaseNingizimu Afrika, isho ukuthi kufanele uhlale ngaphakathi endlini phakathi kuka-8 ebusuku kuya ku-5 ekuseni.
Kodwa kukhona okuhlukile kwabahamba nezinja, futhi lezi zithandani bezihamba ngo-9 ebusuku.
Lezi zithandani zihlawuliswe imali elinganiselwa kweyizi-R18,000, kodwa lona wesifazane wathi ngeke akhokhe. Amaphoyisa athi “awasebenzisananga nhlobo namaphoyisa”.