Celani Sikhakhane
OwayeyiMeya yeTheku uNkk Zandile Mkabayi Gumede usenxuswe ukuthi aphume ahoxe embangweni wokuba nguSihlalo wesifunda ukuze bagweme umthetho wokumxosha.
Izinto sezimi ngomumo ngaphambi kwengqungquthela ebhekwe ngabomvu ye-ANC esifundeni seTheku ezoba khona eqala namhlanje, ezocacisa ukuthi ngabe uMengameli uCyril Ramaphosa uzobuya yini ihlandla lesibili.
ITheku lingesinye sezifunda ezibalulekile kuKhongolose njengoba linomthelela omkhulu ekubekeni amakhosi esifundazweni nakuzwelonke.
Njengamanje uGumede ugaqele isikhundla sikaSihlalo asibanga noSomlomo kaMasipala weTheku uMnu Thabani Nyawose.
Kuthiwa amanye amaqabane ekhempini yakhe afuna uGumede ahoxe kulesi sikhundla ukuze agweme ukutshelwa i-ANC ukuthi ahoxe njengoba kumanje ebhekene namacala enkohlakalo.
Abalandeli baGumede bebexoxa ngekusasa lakhe kwi-WhatsApp group ebhalwe ngesihloko esithi “Friends of Jacob Zuma”. Engxoxweni ebonwe ngabakwa-Scrolla.Africa, omunye ozibiza ngoMbolish uphumele obala ngokuhoxiswa kukaGumede.
“Maqabane bengifisa sikudingide lokhu ukuze sigweme isimo lapho umama uZandile [Gumede] azithola eseyalelwa ukuthi ahoxe uma eseqokiwe,” kusho uMbolish oyilungu eliqavile ekhempini kaGumede ebhekise kwamanye amalungu eqembu.
Abanye kuhulumeni we-ANC esifundeni kuthiwa bafuna uMnu Mxolisi Kaunda athathe isikhundla sikaGumede.
Nokho, uMusa Nciki, oyingxenye yomkhankaso kaGumede, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akekho omcelile ukuthi ahoxe.
“Esikwaziyo ukuthi uZandile Gumede ugaqele isikhundla sikaSihlalo we-ANC eThekwini. Ilokho esikwaziyo futhi kuyilungelo lakhe elikumthethosisekelo elihlonishwa ngokugcwele inhlangano yethu ukuthi angenele noma yisiphi isikhundla,” kusho uNciki etshela i-Scrolla.Africa.
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi izoba se-ICC eThekwini ngoLwesihlanu futhi iqhubeke kuze kube iSonto.
Ngokumangalisayo le ndawo ilapho uGumede ahlulwa khona iMeya yeTheku ngaleso sikhathi uMnu James Nxumalo ngo-2015.