Lubhalwe nguMichael Madyira
IBafana Bafana iqale umkhankaso wayo we-2023 Cosafa Cup ngenothi eliphansi ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Namibia enkundleni yezemidlalo iKing Goodwill Zwelithini ngoLwesithathu.
Umgadli weChippa United u-Elmo Kambindu uphule umgqigqo sekusele imizuzu emibili ukuthi kuyiwe ekhefini wenza i-Brave Warriors yahamba phambili kodwa ongene esikhundleni somunye uRowan Human ushayele elakuleli igoli emizuzwini emithathu kuqale isiwombe sesibili.
Lo mphumela wenze ukuthi ezikaMorena Ramoreboli zehluleke ukuhlala phezulu ku-Group A ngemuva kokuthi i-Botswana iguqise i-Eswatini ngo 1-0 ekuqaleni kosuku.
Kube isiqalo esidumazayo kuBafana ebifuna ukuketula ompetha abavikela isicoco i-Zambia bese ithatha isicoco sesithupha se-Cosafa Cup.
Kodwa ompetha bango-2015 i-Namibia ibakhungathekisile ngolobo busuku ngesikhathi abalandeli abambalwa bequnga isibindi bebekezelela amakhaza ukuze bahambele lo mdlalo.
Umqeqeshi weBafana uRamoreboli wabeka u-Iqraam Rayners noTshegofatso Mabasa ebhentshini ngokumangazayo ngesikhathi uThabo Cele enikezwa ithuba lokuthi aqale.
I-Namibia ibinobuso obujwayelekile babadlali basesiswini beBaroka FC u-Ananias Gebhardt, uKambindu kanye noJoslin Kamatuka obehlaliswe ebhentshini.
I-Brave Warriors ibe nomzamo wokuqala othembisayo wokuhlohla igoli ngesikhathi ibhola likaWendell Rudath liphuma ngaphandle emizuzwini engu-15 umdlalo uqalile.
Ithuba lokuqala lelakuleli liqhamuke emizuzwini engu-22 ngesikhathi uVictor Letsoalo obesendaweni enhle ekhahlela ibhola elibhekise kunozinti we-Namibia u-Edward Maova engaphakathi ebhokisini.
IBafana ibe isijeziselwa ukuvikela ngendlela engafanele ngesikhathi uKambindu obengamakiwe eshaya ibhola ngekhanda engaphakathi ebhokisini ngebhola likaBethuel Muzeu oshaye uKatlego Mohamme kwesokudla.
Ngokushesha ngemuva kokuqala kabusha
izinguquko zikaRamoreboli zibe nomthelela ngesikhathi uShadrack Kobedi ethatha ithuba lephutha likaMaova ngokudlulisela ibhola kuHuman oshaye into ecokeme ngemuva kokuba senkundleni imizuzu emithathu nje kuphela.
Igoli likaHuman libonakale livuselela elakuleli kanti uLyle Lakay ukhahlele ishodi epalini ngaphambi nje kokuthi kushaye ihora umdlalo uqalile.
I-Namibia ibingasabisi kangako kodwa iBafana yehlulekile ukukusebenzisa lokho yacasula abalandeli bayo.
URamoreboli nabafana bakhe sebezolungiselela ukubhekana ne-Botswana ngoMgqibelo emdlalweni wabo wesibili wamaqoqo.
Esithombeni esingenhla: Ukaputeni weBafana Bafana uLyle Lakay ebanga ibhola no-Elmo Kambindu wase-Namibia.
Umthombo wesithombe: Cosafa