Arthur Greene
Kungani amazwe abecabanga ukuthi ubuthakathaka be-Covid-19 kungenza amazinga okushona ehle emazweni?
Futhi kungani amazwe ase-Afrika abikezelwa ukuthi akulungele ukubhekana nobubi bokushawa yi-Covid-19?
Ucwaningo olusha, olwesekwa i-World Health Organisation (i-WHO) yamazwe ase-Afrika, sebethole ukuthi amazwe anabantu abaningi futhi okuvakashwa kakhulu kuwo iwona ashayeke kakhulu.
Okubonakala kahle, iNingizimu-Afrika obekucatshangwa ukuthi izolwa kangcono negciwane okudlula amanye amazwe anhlwempu emhlabeni ngenxa yokuba inohlelo oluqinile lwezempilo.
Noma kunjalo, iNingizimu Afrika ibinesibalo esiphezulu kakhulu emazweni wonke angaphesheya esigabeni sokuqala nesesibili se-Covid-19.
Ucwaningo luveze ukuthi izinhlobo zokuqala zikhombisa okuphambene kunalokhu okujwayele ukwenzeka, kanti i-WHO ithi kukhombisa ukubaluleka kocwaningo emazweni ase-Afrika.
“Uhlobo lokuqala lwaveza ukuthi i-Covid-19 izokwenza isibalo sikhuphuke kakhulu emazweni ase-Afrika njengoba bekuwumsebenzi wezikhungo ukuba zinqande lokhu kungenzeki,” kusho uDr Matshidiso Moeti ongumphathi we-WHO kumazwe ase-Afrika.
“Ukuhlangana kwalaba abenza ucwaningo phakathi kwe-Afrika kanye ne-Europe kukhombisa ukubaluleka nokuhlaziya izifo eziwumashayabhuqe ngokuqinile e-Afrika,” kusho uMatshidiso.
UDr Moeti waphinde wabhala ngocwaningo, ngesihloko esithi-“Predictors of Covid-19 Epidemics in Countries of the World Health Organization African Region” yakhishwa kwi-Nature Medicine Jornal.
Izwe lase-Uganda lingasho ukuthi, ilona izwe ebelinesibalo esincane sabantu abashonayo bebulawa i-Covid-19, ngesikhathi sesigaba sokuqala ngemuva kokuba kuvezwe ukuthi liphinde libe buthakathaka kunawo wonke amazwe.
“Lokhu esakthola kwenza kwaba nzima ukuqonda ubuthakathaka be-Covid-19,” kusho uSolwazi uMark Woolhouse omunye wombhali wocwaningo.
“Imiphumela yethu ikhombisa ukuthi kumele siqhathanise amazinga aphezulu siphinde sizilungiselele ngobungozi obuzayo.”
Umthombo wesithombe: @SABreakingNews