Everson Luhanga
NgoLwesithathu olwedlule abafana bebhola abangu-18 baselokishini lase-Alexandra naseKapa bahambe neqembu labo beya emqhudelwaneni e-Palestine. Kodwa ngemuva kwenhlekelele bangu-17 kuphela abafana abazobuyela ekhaya.
UKabelo Masalesa ugwilize endaweni yokubhukuda ngesikhathi sohlelo lokucobelelana ngolwazi.
Leli qembu lase-Alex lisohlelweni oluxhaswe uMnyango wezeMidlalo, ezobuciko, namaSiko kanye neNxusa lase-Palestine.
UNobhala Jikelele wase-Alex LFA uMalvin Khumalo uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko bekunzima kuye ukudalula lolu daba kontanga kaKabelo.
“Baphatheke kabi ngesikhathi sibatshela ukuthi omunye wabangani babo ushonile,” kusho uNobhala.
Abafana abangu-17 kulindeleke ukuthi babuye kwelakuleli ngoLwesine.
UMarvin uphinde wathi usexhumane neqembu lasekhaya elibizwa nge-Black Poison, nomndeni kaKabelo. “Senza amalungiselelo okuphuthumisa abazali kule ndawo ngokukhulu ukushesha.”
Uthe banombiko wokuqala kanye nezithombe ze-CCTV. “Ihhovisi lenxusa liyasisiza ngalokhu. Uphenyo olugcwele lokuthola ukuthi wagcina kanjani endaweni yokubhukuda eyedwa luyaqhubeka.” Uthe abafana bacele ukudlala umdlalo osele ukuze bahloniphe uKabelo.
UMarvin uthe uKabelo ubengomunye wezihlabani ezithembisayo ezinekusasa eliqhakazile.
Umqeqeshi wakhe uPhathutshedzo Maseko uthe ngaphandle kokuba ngumdlali onekhono enkundleni, uKabelo ubeyingane ehloniphayo futhi ubelithanda ibhola likanobhutshuzwayo.
Bekumele baphindele kuleli ngoLwesihlanu oluzayo.
I-Alexandra isike yakhiqiza izihlabani zebhola zaphesheya ezifana no-Alfred Maimane Phiri, uBrian Baloyi Cosmos Zwane, uSibusiso Zwane, uLucky Maselesele kanye nabanye.
UKabelo bekufanele alandele ezinyathelweni zomlando walaba asebephumelele.