Iyindida eyokudutshulwa kwabantu e-Gqeberha 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ubuhlungu bebubhalwe emehlweni ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo somfundi webanga lesishiyagalolunye u-Inako Magidiwana esikoleni samabanga aphezululu e-Alexander e-Gqeberha. U-Inako ubulawe esigamekweni sokudubula esendleleni eya ekhaya ngeSonto ebusuku.

Umama wakhe ukhombise ukuzwa ubuhlungu ngesikhathi ekhala ngemuva kwehholo lesikole ebeligcwele phama, njengoba le ntombazanyana eneminyaka engu-15 ubudala ibihlonishwa othisha nabafundi ngenxa yokuziphatha kahle kwayo.

UMagidiwana ube ngomunye wezisulu ezidutshulwe zabulawa ngempelasonto yesigameko sokudubulana esinyantisayo ngasekuqaleni kwaleli sonto. Kudutshulwe kwabulawa abantu abangu-16 kwashiya amaphoyisa edidekile futhi nemindeni izwa ubuhlungu ngoba kumele ingcwabe abantu ababathandayo abangu-13.

Kubikwa ukuthi uMagidiwana wezwa omunye wesilisa obehlomile ememeza ethi “Ngizobulala umuntu ebusuku”. Ethuswe yila mazwi waqala ukugijima ebaleka, kodwa abasolwa abazange babonise ububele bamdubula washonela khona lapho.

Lesi sibhicongo siqale endaweni esondelene nalana ngesikhathi abantu bebungaza usuku lokuzalwa Kwazakhele ngeSonto ntambama.

Abantu abayisishiyagalombili badutshulwe abesilisa abebehlomile ababili abagasele ekamelweni eligcwele abantu bavulela ngenhlamvu. Bebeshisa inyama bebungaza usuku lokuzalwa njengoba uVusumzi Sishuba ubehlanganisa iminyaka engu-50. Udutshulwe wabulawa kanye nabanye abayisikhombisa. Abanye abathathu balwela izimpilo zabo esibhedlela.

Akuzange kugcine lapho ukubulawa kwabantu, ngemuva kwamahora ambalwa kudutshulwe abanye abantu abane ezindaweni ezahlukene e-Gqeberha, uMagidiwana osemncane naye ube isisulu salokho kudubulana.

Eduze kwase-Soweto-on-sea ngeSonto ebusuku, uSibusiso Jack (28) ubesendaweni yokucima ukoma, kodwa ubonakale ewa phansi ngenxa yenxeba lokudutshulwa esifubeni.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthi umnikazi wendawo yokucima ukoma kanye namakhasimende akhe baphume ngesivinini befuna ukuthola indawo yokucasha, kodwa bathola isidumbu sika-Anele Roxo (19) ngaphandle. URoxo ubedutshulwe ekhanda nasentanyeni.

UNaidu uthe ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi abasolwa abafanayo baye emzini oseduzane badubula owesilisa (35) ekhanda ohlonzwe ngelikaSiyabonga Dakela.

Ngemuva kwezinsuku ezimbili, ngoLwesibili isalukazi esineminyaka engu-73 ubudala sidutshulwe sabulawa endlini yaso ngabasolwa ababili abangaziwa elokishini lase-New Brighton.

Amaphoyisa athi okwamanje imbangela yokudutshulwa nokubulawa kwabantu ayikaziwa.

Akekho oboshiwe kuzo zonke izigameko zokudubulana okubalwa nesenzeke ngesikhathi kubungazwa usuku lokuzalwa, kodwa uphenyo lusaqhubeka.

Isithombe esingenhla: U-Inako Magidiwana (15) odutshulwe wabulawa owesilisa obehlomile ongaziwa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva