Iyengandoda lingenele ukhetho e-Kenya

Ubani ongakhetha umsebenzi odumaza njengepolitiki?

UMary Mugure Waithegeni, owayedayisa ngomzimba, ungenele ukhetho lwe-Country Assembly lapho abavoti base-Kenya abazoyovota khona mhla ziyisishiyagalolunye kuNcwaba.

UWaithegeni wazalelwa emijondolo yase-Kimaiko ngaphandle kwase-Nairobi.

Utshele iphephandaba lase-Nairobi ukuthi ukukhuliswa kanzima kwamkhuthaza ukuthi abe yinxusa loshintsho. “Ngiyazi ukuthi kunjani ukukhula ngaleyo ndlela.

Ngo-2000, washonelwa unina futhi kwadingeka ukuthi asukume ukuze anakekele izingane zakubo.

Umngani wakhe wamfaka emsebenzini wokudansa enqunu ukuze athole imali wagcina esengena emsebenzini wokudayisa ngomzimba.

Manje, umama wezingane ezingu-14 okubalwa kuzo azibeletha nezinye azithola, uthe angeke afise ukuthi noma iyiphi yezingane zakhe ingene emsebenzini wokudayisa ngomzimba.

Uthe usebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi izingane zakhe ikakhulukazi amadodakazi akhe athola imfundo ezowasiza ukuthi aziphilise.

UWaithegeni, osefundela ezokweluleka ngokwengqondo, uthe ukholwa ukuthi simfanele lesi sikhundla kunowesilisa omphonsela inselelo ngoba uyazazi izidingo zomphakathi wakubo nezinselelo zabesifazane.

Uqanjwe igama elithi “Mama Yao” ngenxa yokuthi unabalandeli abaningi abayintsha.

Scrolla World Cup Quiz