Iyaveva i-ANCYL ngokuboshwa kobeyisikhulu sakwaCogta ngecala lokubulala

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Uphiko lwentsha kaKhongolose lushaya amakhala ngokuboshwa kobeyisikhulu soMnyango wezokuBusa nokuBambisana beziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal onukwa ngecala lokubulawa kukamakhelwane obesolwa ngokweba imfuyo.

Lokhu kulandela ukuboshwa kukaMnuz Lindokuhle Xulu ngesonto eledlule likaKhisimusi amaphoyisa ase-Vryheid.

UMnuz Sanele Zulu we-ANCYL esiFundeni iMzala Nxumalo uthe basola osandla semfene kulolu daba ngoba luvumbuka ngesikhathi uXulu emagange ekutheni kuhlakazwe ubuholi bukaKhongolose KwaZulu-Natal obuholwa uMnuz Sboniso Duma noMnuz Bheki Mtolo okuthiwa ababhekani.

“Kuyasishaqisa ukuthi uXulu aboshwe ngendlela engaqondakali kanjena ngenxa yokuthi amaphoyisa athi kunomfana owatshele ukuthi wambona emotweni yakhe endaweni yesigameko nokuyilapho okwabulawa khona lo mlisa oshonile obengowakhona ngakwaXulu. Okuxakayo lo mfana uthi uXulu wayehamba nomfowabo okuthe uma amaphoyisa ephuthuma ngalo usuku lwesigameko amuthola umfowabo kaXulu ezidakelwe utshwala engazi nokuthi lidumephi nokwenza avele abona ukuthi akahlangene necala. Ngemuva kwalokho njengoba uXulu yena ayeseThekwini kwavele kwathiwa nguye,” kusho uZulu.

Uqhube wathi okwenza basole ukuthi leli cala lihlangene nepolitiki kube indlela elisingathwe ngayo.

Uveze nokuthi bayakholelwa ekutheni abanye abaholi bakaKhongolose besiFundazwe nabaseMzala Nxumalo bakhona kuleli tulo lokuboshwa kukaXulu.

Uthe kungekudala abanye abaholi bakaKhongolose eMzala Nxumalo nasesiFundazweni kunetulo abebelipheka nabanye be-IFP ukuba kucekelwe phansi uXulu.

“UXulu baqale ngokuthi bamudlise ushevu wacishe wafa njengoba abanye abaholi besiFundazwe bebengamufuni eMnyangweni. Ugcine eseshiya ngoba bengamuphethe kahle. Kumanje bayazi ukuthi uqhuba umkhankaso wokuba bakhishwe emandleni nokwenza sisole ukuthi bangenza noma yini ukumcekela phansi behlangene nabanye abangani babo abaku-IFP abangamfuni nokumubona uXulu njengoba akhipha uMnuz Mncedisi Maphisa ebumeyeni kumasipala AbaQulusi,” kusho uZulu.

Uthe kumanje kuza ingqungquthela yesiFunda yokukhetha ubuholi baseMzala Nxumalo nokwenza kubenabaholi abangenwa amanzi emadolweni kuKhongolose.

UXulu kuthiwa uKhisimusi uwudlele ezikhindini nokuthe ngemuva kwalokho wadedelwa ngebheyili yemali engu-R3000.

Kuthiwa unukwa nje ngaleli cala yingoba umufi uke wakhala ngokuthi uXulu nabomndeni wakhe bafuna ukumubulala ngoba bemusola ngokuzama ukweba imfuyo yakubo.

UZulu uthe umufi ubengumsolwa odumile ezigamekweni zokwebiwa kwemfuyo endaweni.

UXulu uke wagijimisana nobenguNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi eseyiMeya yaseZululand nalapho ayesolwa khona uXulu ngenkohlakalo eyayithinta isidlo sasekuseni sikamasipala esasenzelwe eThekwini nokwagcina kunemibhikisho ngaso.

Uke walwa nobuholi be-ANC eKZN ebusola ngokuvimba uNkk Bongi maSithole-Moloi ukuba aqokelwe ukuhola i-ANCWL esiFundazweni.

Imizamo yokuthola uXulu iphunzile njengoba kuthe uma ethintwa wathi usemgwaqeni ngemuva kwalokho waluvala ucingo.

Icala lake libuyela enkantolo yase-Vryheid ngomhlaka-3 ngenyanga ezayo.

Izihloko zakamuva