
Kamogelo Olaitan
I-Comair esebenzela i-Kulula.com ne-British Airways izovalwa ngemuva kokuthi abezokutakula amabhizinisi (BRPs) behluleke ukuqoqa imali eyanele ukuze iqhubeke nokusebenza.
I-BRP ijube umnikazi walenkampani i-Comair Rescue Consortium (i-CRC) ukuthi yenze uhlelo olusebenzayo lokuqhubeka nokusebenza ngomhlaka-31 kuNhlaba kulo nyaka kanti ngesikhathi behluleka ukwenza lokho i-BRP imise zonke izindiza ze-Comair.
Esitatimendeni sangoLwesine, omunye wale nkampani, uRichard Ferguson, uthe benze konke okusemandleni ukuthi bathole uxhaso.
Uthe ngesikhathi bengalutholi uxhaso bafake isicelo sokuguqula izinhlelo zokuhlenga ibhizinisi ukuthi zibe izinhlelo zokuqedwa kwebhizinisi.
“Kuwusuku oludabukisa kakhulu enkampanini, kubasebenzi bayo, amakhasimende ayo nakwi-SA Aviation,” kusho uFerguson.
I-Comair isineminyaka emibili ilwela ukutakula ibhizinisini kanti ngokwe-News 24, i-CRC yatshala u-R500 million ukuze ithole ingxenye engu-99% yezabelo zenkampani ngaleso sikhathi.
Inkampani yezindiza ibisebenza ngempumelelo kusukela ngasekupheleni kwango-1940 ibambe u-40% wezindiza zakuleli.
NgoNdasa kulo nyaka, i-SA Civil Aviation Authority imise izindiza ze-Comair izinsuku ezinhlanu ngemuva kochungechunge lwezigameko okuhlanganisa nezinkinga zegiya lokuhlala kwenye yezindiza.
Abasebenzi bale nkampani abangu-1,200 namakhasimende akweletwa ukubuyiselwa imali yokubhuka manje sebezokweletwa inkampani.
Umthombo wesithombe@SimpleFlying