Iyathembisa isizini ye-F1 yakulonyaka 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Mhlawumbe kungangaba lula ukivimba okwenzeke ngesizini ye-Formula 1 ka-2022, kodwa le sizini ibukeka izoveza izinto ezihlukile nezngcono.

I-Red Bull noMax Verstappen banqobe ezindaweni zombili kumqhudelwano womshayeli kanye ne-constructors championships ngesizini edlule futhi kulindeleke ukuthi benze okufanayo nakulo nyaka, kodwa igebe phezulu kungenzeka lincishiswe i-Ferrari ne-Mercedes.

Kodwa asikwazi ukuvimbela okwenzeke ngesizini edlule ukuthi kungenzeki. Futhi isiphithiphithi sizoqala phakathi nendawo nomjaho. 

Amaqembu amaningana ahlanganisa i-Alpine, i-McLaren ne-Aston Martin athi enze intuthuko enkulu.

Nakuba kuzoba nezinkinga isizini yonke, izinkinga ezenzeka ngaphandle kwenkundla zingase zidlange kakhulu kulo nyaka.

Siqale ngomshayeli omusha we-Alpine, uPierre Gasly no-Esteban Ocon okuhlezi kulindeleke inhlekelele yodwa kubo.

Abadlali ababili abaqhamuka e-France abashayela begqoke imifaniswano yase-France babukeka bengabangani besikhathi eside, kodwa uthando phakathi kwabo lungase luphele maduze. 

U-Ocon waziwa ngokuba ngumshayeli onolaka, ikakhulukazi ngokumelene nozakwabo njengoba ebonakale kaningi ebhekene noFernando Alonso ngesizini edlule.

Akekho umshayeli obonakala ehamba phambili eqenjini le-Alpine, okungaba ingozi ku-Fomula 1.

Ngaphezu kwalokhu, i-McLaren iphethe u-Oscar Piastri ngemuva kwenkontileka yakhe eyindida ne-Alpine ngesizini edlule ngesikhathi lo mdlali wase-Australia kuthiwa usayine isivumelwano ne-Alpine ngaphambi kokuqala izingxoxo ne-McLaren. Lokhu kungenzeka kwengeze ukudideka.

Phezu kwakho konke, kuzwakala sengathi le kungaba isizini yokuziveza noma yekhefu likaLewis Hamilton.

UHamilton owawina umqhudelwano womhlaba izikhathi eziyisikhombisa, wehlulekile ukuwina umjaho owodwa ngesizini edlule futhi kubonakala sengathi uma engayitholi imiphumela engcono kule sizini mhlawumbe kungaba ukuphuma kwakhe.

Ukuhlolwa kwangaphambi kwesizini kuqale e-Bahrain ngoLwesine futhi kuzoqhubeka impelasonto yonke ngaphambi kwe-Grand Prix yokuqala mhla zinhlanu ngoNdasa.

Imidlalo izoqala uma uchungechunge lwe-Netflix obizwa nge-Drive to Survive udlala ngoLwesihlanu ngomhlaka-24 kuNhlolanja.

Isithombe esingenhla: UMax Verstappen   ubuyele emjahweni we-Formula 1 ngoLwesine

Umthombo wesithombe: @F1

Izihloko zakamuva