Lucky Maree
Njengoba alakuleli ne-Australia beza begijima enkundleni womabili amaqembu ayazi ukuthi ozonqoba uzodlala ne-Fiji kowamanqamu.
Bayazi futhi ukuthi ozodla umhlanganiso uzothola indondo ohluliwe uzoqhudelana kwindondo yethusi.
Ongoti bayavumelana ngokuthi i-Fiji ne-New Zealand badlale omunye wemidlalo eyisikhombisa engakaze ibonwe.
Indaba yokuthi i-New Zealand bekumele idlale imizuzu emibili emqoka yokugcina inabadlali abahlanu kuphela kuyingxoxo yolunye usuku.
Njengenjwayelo ama-Blitzboks emancane kakhulu kakhulu kunama-Aussies, kodwa akubona ubuningi nobukhulu okukwenza unqobe umdlalo into ebalulekile ukudlala ngokuzimisela.
Ukungena kwegoli le-Australia ngemuva komzuzu owodwa kunikeze leli qembu ithiba lokuhamba phambili nethuba eliyingqophamlando.
I-Australia iqale ukuhlasela ngokuphindaphindiwe kuthe sekusele imizuzu emibili ngaphambi kwekhefu u-Angelo Davids washaya i-try yama-sevens akudala ngokukhahlela okungaphambili.
I-Australia iphendula ngokushesha igcine isihola ngamaphuzu amahlanu. Njengoba bese kusele ithuba elilodwa lokushaya amagoli ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini u-Angelo Davids ushaye i-try yakhe yesibili.
USelvyn Davids ulungise iphutha kanti ama-Blitzboks abukeka eyiqembu elihleleke kangcono ngisho nangendlela yokwenza izinto.
I-Australia ichithe isikhathi eside kabi endaweni yayo yamapali yagcina idedele umugqa wokuphuma futhi umdlalo omuhle kuphela ovela kuCorey Toole ovimba i-hat trick ka-Angelo Davids ngakwesokunxele, kodwa uDavids bekunzima imizuzwana engu-30, kodwa wathola igoli lakhe lesithathu kolunye uphiko noma kunjalo.
Ama-Blitzboks adlale umqhudelwano ongenaphutha kanti indondo yegolide iwumdlalo owodwa nje kuphela.
Elakuleli lithole amaphuzu angu-24 kanti i-Australia ithole angu-12.
Abadlali bakuleli abashaye amagoli u-Angelo Davids (3) noSelvyn Davids bashaya ama-Conversions amabili.
I-Australia abashaye amagoli uMark Nawaqanitawase, uMatthew Gonzalez benza i-Conversions eyodwa.
Umthombo wesithombe: @Blitzboks