Iyaqhubeka nokuzidlela amahlanga i-IFP kwelokuchibiyela eKZN

Lubhalwe nguLungani Zungu

I-IFP ihambela phezulu kulandela ukuhlithwa i-ward ebalulekile ye-ANC  okhethweni lokuchibiyela olusanda kubanjwa KwaZulu-Natal. 

Le ward enqotshwe I-IFP i-ward 5 eMthonjaneni

Ukhetho lokuchibiyela belukhona e-Eastern Cape naseGoli.

Ngemuva kokuwina kwe-IFP e-ward 5, leli qembu selizoba nezihlalo ezingu-13 kwezingu-25 zomkhandlu nokuyinto ezovula indlela yokuthi libuse ngobuningi kuMasipala waseMthonjaneni.

Leli qembu liphinde ladla umhlanganiso ku-ward-11 eMsinga kanye naku-ward-13 kuMasipala waseBaqulusi.

Kuvuleke isikhala kuward-11 eMsinga ngemuva kokudutshulwa kwekhansela le-IFP uMnu Siyabonga Magubane ngoMandulo.

Obeyikhansela leqembu eMsinga omisiwe uMlethi Ndlovu usolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kukaMagubane.

UMnu Musawenkosi Ndebele ubekwe njengekhansela laku ward-11 ngesikhathi uMnu Siyabonga Ndaba ebekwa njengekhansela kuward-13.

Ephawula ngokuwina kwe-IFP KwaZulu-Natal, uSihlalo weqembu esifundazweni uThami Ntuli uthe: “Ukuwina kwe-IFP ezigcemeni zaseMthonjaneni, eMsinga kanye nase-Vryheid kukhombisa ithemba abantu bakulesi sifundazwe abanalo nge-IFP.”

Ubuye wengeza wathi: “I-IFP, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani iwine lolu khetho lokuchibiyela olubalulekile oluthathu olunemibango omkhulu esifundazweni.”

Kolunye ukhetho lokuchibiyela KwaZulu-Natal, ne-DA yenze kahle    inqoba ku-ward 10 kukaMasipala waseMdoni ogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal.

Iqembu liwine isigceme ngo-82% kanti u-Alan Cutten uthathe izintambo njengekhansela.

EGoli 

I-ANC iwine isigceme sesine (e-Khutsong Ext 3 Joe Slovo) kumasipala wase-Merafong ihlula lowo obengenele ukhetho ngokuzimela.

Iqembu liwine ngo-61.81% nokuvule indlela yokuthi uFanyana Alfred Motloung athathe izintambo njengekhansela lesigceme.

Lokhu kuwina kunikeza i-ANC amandla amaningi kumasipala wase-Merafong eGoli.

Leli qembu selinezihlalo ezingu-28 kwezingu-55 zomkhandlu.

I-DA ibambelele ku-ward 22 (e-Noordheuwel Rangeview) kumasipala wase-Mogale eGoli ngemuva kokuthola u-74% wamavoti okuyisibalo esehle sisuka ku-76%. UDevin Nieuwenhuyzen uqokwe njengekhansela kule-ward.

E-Eastern Cape

I-ANC iwine ku-ward 20 kuMasipala wase-Mhlontlo. Leli qembu lithole u-70% wamavoti, okuyisibalo esinyuke sisuka ku-52% elawina ngawo okhethweni lwanyakenye.

UMzwakhe Thembela we-ANC uthathe izintambo njengekhansela.

U-Elsie Marawu useyikhansela elisha laku-ward 33 ngemuva kokuthi i-ANC igcine lesi sigceme kuMasipala wase-Enoch Mgijima yathola u-54% wamavoti.

Esithombeni esingenhla: UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa

Umthombo wesithombe: @IFP

Izihloko zakamuva