Iyaqhubeka nokubhacaza iChiefs nangaphansi komqeqeshi omusha

Lubhalwe nguMichael Madyira

IKaizer Chiefs ibukeka iqhubeka nokubhacaza njengoba ingenzanga kahle kade ilingiselela isizini ka-2023/24.

Leli qembu lase-Soweto lihlulwe ngo 1-0 i-Township Rollers yase-Botswana emdlalweni wobungani ngoMgqibelo ngemuva kokuhlulwa ngo 1-0 iqembu lase-Tanzania i-Young Africans ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule.

Le miphumela yomibili isho imidlalo yokulungiselela isizini enzima kwiChiefs ngaphansi komqeqeshi omusha uMolefi Ntseki obhekwe ngabomvu ukuqeda isomiso sokungatholi izicoco seminyaka eyisishiyagalombili.

UNtseki usevele usenkingeni ngaphambi kokuthi kuqale isizini kanti ukhathazekile ngokuthi ezakhe zehlulekile ukushaya amagoli kule midlalo emibili.

Bekuyimidlalo lapho abangakhombisanga khona ukuthuthuka ebuthakathakeni bokuhlasela okubakhungethe kumasizini adlule.

“Kuyakhathaza kakhulu ngoba uma sakha amathuba kumele sibambelele kuwo,” kusho uNtseki.

“Uma singawakhi amathuba kusho ukuthi kunenkinga ngendlela esidlala ngayo esigabeni sesithathu sokugcina.”

Njengoba iChiefs ibhekene nezinkinga ezifanayo nezesikhathi esidlule, izimbangi zayo i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns zikhiphe imiphumela ekhuthazayo emidlalweni yabo yobungani eyandulela isizini.

Ohambweni lwayo lwase-Spain iPirates iguqise i-Maccabi Tel Aviv yase-Israel ngo 1-0 yaphinde yashaya iqembu lase-Ecuador i-Independiente Valle ngo 3-1 ngaphambi kokudlala ngokulingana ngo 0-0 ne-Las Palmas ebuya ku-La Liga.

ISundowns ibonakalise inhloso yayo yokuqhubeka nokubusa ekhaya ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 2-2 neqembu elidlala kwiligi ephezulu e-Belgium i-Gent futhi ihlule iqembu elidlala ku-Eredivisie i-Go Ahead Eagles ngo 1-0.

ISundowns iphinde yaguqisa ababengompetha be-Eredivisie, i-Sparta Rotterdam ngo 4-1 ngaphambi kokuvala ikhempu yabo yase-Netherlands ngokuwina ngo 2-1 ibhekene ne-NAC Breda.

Kodwa-ke, uNtseki uzuza okuhle kumdlali omusha u-Edson Castillo owenze kahle emidlalweni yobungani.

“Ngicabanga ukuthi uyena ovelayo mayelana nokudlala kwethu ngendlela ekhaliphile, ubuhlakani bakhe kanye nendlela asiza ngayo iqembu ukuthi lingaphumi emdlandleni,” kusho uNtseki ekhuluma ngomdlali wasesiswini wase-Venezuela.

“Uzokwakha amathuba phakathi nenkundla ukuya phambili.”

IChiefs izozama ukuzikhotha amanxeba ngemuva kwemiphumela edumazayo uma isidlala neChippa United emdlalweni wokuvula we-Premier Soccer League ngeSonto elizayo.

Esithombeni esigenhla: Umdlali weKaizer Chiefs u-Edson Castillo edlala ne-Township Rollers

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva