Dylan Bettencourt
Indali yezinkomo ezoba kule mpelasonto epulazini likaMengameli uCyril Ramaphosa e-Limpopo ngeke iyemukele imali ewukheshi.
Ipulazi lezilwane iPhala Phala libe sematheni ngemuva kokuthi lowo owayengumphathi wezinhloli u-Arthur Fraser esole uRamaphosa ngokufihla imali eyantshontshwa kule ndawo. Uphinde wasola uMengameli – noma abasebenzi bakhe – ngokubopha izigebengu ngokungemthetho nokuzinika imali yokuthi zithule.
Yize okwamanje kunengxabano egxile kuleli pulazi, abagqugquzeli bendali yezinkomo zohlobo lwe-Ankole bathi ngeke bayishintshe indawo ngoba sebekhokhele ukusebenzisa lezi zakhiwo.
Le ndali ihlelelwe ukuthi ibe ngomhlaka-18 kuNhlangulana lapho izinkomo ze-Ankole zizotholakala khona ukuze zithengwe.
Le ndali isihleliwe futhi iqhutshwa yi-Ankole Cattle Breeders Society of South Africa kanti izosingathwa i-Veewinkel okuyinkampani yendali.
Balinganiselwa ku-200 abantu okulindeleke ukuthi bahambele le ndali.
UMphathi oMkhulu wokuSebenza kwa-Veilingswinke, uJuan-Pierre Smith, ukuqinisekisile ukuthi ngeke bayamukele imali ewukheshi.
“Sisebenza ngama-electronic transfer kuphela. Asiyamukeli imali ewukheshi kunoma yiliphi ibhizinisi lethu. Simaketha isilwane, njengenkampani yendali. Siba nohlelo lwendali lapho abahambela izindali badayisa khona izilwane.
“Sibe sesithumela ama-invoyisi e-electronic. Ikhasimende elithenga isilwane kumthengisi likhokha i-invoyisi nge-electronic transfer bese isilwane sihanjiswa kumthengi bese imali inikezwa umdayisi,” kuchaza uSmith.
Kuzoba nezinkomo eziphakathi kuka-50 kuya ku-60 ngosuku lwendali.
Umthombo wesithombe: @TimesLIVE