Zukile Majova
Imiphumela yakamuva yokhetho ixoxa indaba ngabavoti ikakhulukazi abamnyama asebeqalile ukufulathela iqembu elibusayo.
Indaba yokuthi i-ANC ilahlekelwa amavoti akuseyona nje inkulumo-mpikiswano eNingizimu Afrika sekuyinto eyiqiniso.
Umbuzo uthi ingabe ithemba lesiqalo esisha elilethwe nguMengameli uCyril Ramaphosa lingayihlenga yini i-ANC ngonyaka ka-2024?
Lonke ukhetho ezweni lukhombisa imiphumela eqinisekisa ukushabalala kwe-ANC.
Amawadi abavoti be-ANC ikakhulukazi ezindaweni zasemadolobheni eKapa, eGoli, eThekwini nase-Port Elizabeth iqembu lilahlekelwa amavoti.
Thatha isibonelo ngemiphumela yokhetho olwenzeke kuleli sonto ezifundazweni ezintathu lapho i-DA ne-EFF bebambene khona neqembu elibusayo empini yamawadi amahlanu abephethwe i-ANC phambilini.
Amaqembu aphikisayo athathe u-40%, i-EFF ne-DA yazuza iwadi ngayinye kwathi i-ANC yagcina amawadi amathathu.
Olunye ukhetho e-Mpumalanga, e-Western Cape kanye nase-Eastern Cape luhlelelwe umhla ziyisithupha kuNtulikazi.
Kodwa okubhekwe kakhulu manje ukhetho lukazwelonke lwango-2024 lapho kulindeleke ukuthi i-Gauteng ibe yisizinda sempi njengoba ongoti belindele ukuthi i-ANC ilahlekelwe amavoti amaningi.
UMengameli uRamaphosa usindise i-ANC okokugcina okhethweni lwango-2019 lapho iqembu lanqoba ngamavoti amancane lisuka ku-62.15% ngo-2014 laya ku-57.50%.
Manje njengoba kukhuphuka izinga lokuntuleka kwemisebenzi, ukunyuka kwentengo kaphethiloli, ukunyuka kwamanani okudla, ukucishwa kukagesi okuqhubekayo kanye nenkohlakalo ezinkampanini zikahulumeni kwehlisa ithemba lomphakathi kuRumaphosa kanye ne-ANC.
Okunye okuthokozisayo okhethweni oluzayo kuzobe kukhona abazimele abazongenela ukhetho abasekwa izinsiza zenhlangano kaMmusi Maimane i-One SA.
Kubukeka sengathi i-Gauteng izophathwa umbimbi lwamaqembu aphikisayo okuhlanganisa i-DA, i-EFF, i-Action SA nabanye abazimele.
Leso simo sizoqinisekisa iqiniso lokuthi abantu abamnyama bayalishiya iqembu elibusayo bephusha ukwesekwa kwabo ezifundazweni zasemakhaya njenge-Limpopo, i-Mpumalanga kanye ne-Eastern Cape.