Ezemidlalo: Kuphakathi kokuthi uyanqoba noma uyagoduka njengoba imidlalo yokumkhumulajezi ye-Africa Cup of Nations iqala ngoMgqibelo, kanti uDylan Bettencourt ukucebisa ngokuthi ungaphuthelwa.
Usuvele washuba umqhudelwano we-Africa Cup of Nations (Afcon) yize ube nezingqinamba eziningi, kodwa imidlalo yomkhumulajezi ibhekwe ngabovu.
Imidlalo yomzuliswano wamaqembu angu-16 izoqala ngoMgqibelo lapho i-Angola idudulana khona ne-Namibia ngo-7 ebusuku. Emdlalweni olandelayo kuzobhekana izinkunzi ezimbili i-Nigeria ne-Cameroon ngo-10 ebusuku kanti womabili amaqembu azophoxeka kakhulu uma ehlulwa.
Imidlalo iyaqhubeka ngeSonto njengoba i-Equatorial Guinea izobhekana ne-Guinea ngo-7 ebusuku ngaphambi kokuthi i-Egypt idudulane ne-DR Congo ngo-10 ebusuku.
I-Congo inethuba lokususa uthuthuva uma ihlula ama-North Africans, ngaphandle komgadli wabo oyisihlabani uMohammed Salah.
Amaqembu amabili asefomini enhle i-Cape Verde ne-Mauritania azotholana phezulu ngoMsombuluko ngo-7 ebusuku kodwa omunye wabo uzothola ithuba lokuqhubeka nomqhudelwano we-Afcon yalo nyaka.
Umdlalo omkhulu womzuliswano wamaqembu angu-16 uzolandela njengoba izwe elisingathe imidlalo i-Ivory Coast lizotholana phezulu ne-Senegal ngo-10 ebusuku.
I-Ivory Coast ephunyuke kungelula ayinaye umphathi futhi idinga amandla uma izoshaya iqembu elingakahlulwa kulo mqhudelwano.
Izwe elisingathe imidlalo liqashe umdlali wangaphambili u-Emerse Faé njengomphathi wabo wesikhashana ukuze abadlulisele engxenyeni esele yomqhudelwano.
Umzuliswano wamaqembu angu-16 uzophela ngoLwesibili lapho i-Mali isizobhekana ne-Burkina Faso ngo-7 ebusuku ngaphambi kokuthi iBafana Bafana ihlangane ne-Morocco ngo-10 ebusuku.
Njenge-Ivory Coast, iNingizimu Afrika izodinga amandla uma izonqoba iqembu lase-Afrika elihlezi endaweni yokuqala.
Konke lokhu kuzokhonjiswa ku-DStv channel 202.
➤ I-Australian Open izophela kule mpelasonto njengoba abadlali bebheke ukuwina i-Grand Slam yokuqala yonyaka.
Umqhudelwamo wamanqamu wabesifazane uzoba ngoMgqibelo kusukela ngo-10.30 ekuseni lapho u-Qinwen Zheng ezobe ebhekene nompetha u-Aryna Sabalenka.
Owamanqamu wabesilisa uzoba ngeSonto, kusukela ngo-10.30 ekuseni njengoba uJannik Sinner ezobhekana noDaniil Medvedev.
Yomibili imidlalo yamanqamu izodlala bukhoma ku-DStv channel 201.
➤ INdebe ye-FA iyabuya ngomzuliswano wesine kusukela ngoLwesihlanu ebusuku. I-Manchester City izobhekana ne-Tottenham Hotspur ngoLwesihlanu ngo-10 ebusuku.
I-Chelsea izophinde idlale ngoLwesihlanu ebusuku ne-Aston Villa ngo-9.45 pm kanti lo kuzobe kuwumdlalo onzima kuma-Blues.
I-Liverpool izobhekana ne-Norwich City ngo-4.30 ntambama ngeSonto ngaphambi kokuthi i-Manchester United ibhekise amabombo e-Newport County ngo-6.30 ntambama.
➤ Uma uwubukile umdlalo wama-Blitzboks edlala ngoLwesihlanu ekuseni ubuzokwazi ukuthi awine imidlalo yayo emibili yokuqala ye-pool behlula i-Canada ngama-try amane kanye nama-try angaphansi kwamabili amangalisayo e-Spain.
Kulindelekile lokho, kodwa kusasa bazodlala umdlalo wabo wokugcina we-pool ne-Argentina. Futhi akukho okuqinisekile ngalokho kuhlangana. Yize wona lo mdlalo ungabalulekile kangako njengoba womabili la maqembu engene kowamanqamu kodwa kusekuningi okusengabhekwe okubalwa ukuhlonipha umdlalo nokuzethemba.
Umdlalo wamanqamu uzodlalwa ngoMgqibelo ntambama nangeSonto, kanti imidlalo incike ukuphela kwemidlalo yama-pools.
Ama-Blitzboks azobhekana ne-Argentina ngo-6.38 ekuseni ngoMgqibelo ku-DStv channel 211.
➤ AmaBulls azokwamukela ama-Lions eLoftus Versveld ePitoli emdlalweni obaluleke kakhulu we-United Rugby Championship ngoMgqibelo.
Akuwona kuphela amaphuzu abalulekile ku-URC, kodwa umdlalo uza ngemuva kokuthi amaLions ahlule amaBulls emdlalweni wokugcina.
Ungalenzi iphutha, lo mdlalo ubaluleke kakhulu kuzo zombili izinhlangothi ngezizathu ezimbalwa.
AmaBulles azobhekana ne-Gauteng Lions ngo-3 ntambama lo mdlalo uzovela ku-DStv channel 211.
Isithombe esingenhla: IBafana Bafana ibhekene ne-Tunisia.
Umthombo wesithombe: Bafana Bafana.