Dylan Bettencourt
Iyaqhubeka impi yamazwi phakathi kwenkakha yamaBhokobhoko nomdlali wamanje waleli qembu.
U-Eben Etzebeth uphendule inkulumo kaBakkies Botha ngesikhathi emgxeka edlalela i-Toulon.
Labadlali bachomelana ngokuthi ubani ongcono kunomunye.
“Ngiyakuzwa kodwa ngokuzayo uma ufuna ukuveza noma ukubeka umbono, unayo inombolo yami.” kusho u-Eben.
UBotha, naye owake wadlalela i-Toulon, uthe nakuba u-Etzebeth engumdlali ovelele emhlabeni kodwa ukhombisa okuhle kuphela kumaBhokobhoko.
Lokhu kwenzeke njengoba u-Etzebeth oneminyaka engu-30 ephinde wathola ukulimala okuzomenza ahlale inyanga yonke engadlali.
“Kwi-Toulon usalimele futhi akadlali,” kusho uBotha etshela i-Midi Olympique.
U-Etzebeth usanda kumemezela ukuthi uzobuyela ebholeni laseNingizimu Afrika kuma-Sharks.
U-Etzebeth udlale imidlalo engu-97 kumaBhokobhoko futhi uthathwa njengomunye wabadlali bebhola lombhoxo abahamba phambili emhlabeni. Nokho-ke isikhathi sakhe e-France ubelokhu elimala.
Ukushuba kwesimo phakathi kwabaphathi beqembu kanye namaBhokobhoko kunyuke ngemuva kokuthi u-Etzebeth engakwazi ukubuyela enkundleni izinyanga ezintathu, kulandela ukulimala ekhanda okwenzeka ngesikhathi bedlala ne-England ngoLwezi odlule.
Ngesikhathi ebuya emasontweni amabili edlule, u-Etzebeth uphinde wabhekana nobunzima, wadonseka umsipha ngesikhathi eziqeqesha. Lokhu kuzomenza angadlali inyanga yonke.
U-Etzebeth uzobe enethemba loshintsho lwenhlanhla uma kuziwa emdlalweni wombhoxo wasekhaya uma ejoyina ama-Sharks ngoNtulikazi.
Isivumelwano sakhe nesitolo esibizwa nge-Durban outfit sizoqhubeka kuze kube unyaka ka-2027, njengoba besayine abadlali bama-sharks abayisishiyagalombili.
Umthombo wesithombe: @SARugbyMagazine