Iyangenisa i-Qatar Sport investments ebholeni lomhlaba 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-Qatar Sports Investments (QSI) nabanikazi be-PSG bamataniswe namaqembu aphezulu e-Premier League njengoba amahemuhemu okuthengwa kweqembu ekhula.

I-Liverpool, i-Manchester United ne-Tottenham Hotspur bonke kuthiwa bagaqelwe i-QSI, ngokusho kwe-Bloomberg News.

La mahlebezi aqhamuke ngemuva komhlangano phakathi kwabanikazi be-Qatar noSihlalo we-Tottenham Hotspur,uDaniel Levy.

Nokho leli qembu selikuphikile lokhu lathi umhlangano ubungahlangene nokudayiswa kweqembu kanye namalungelo okuqanjwa kwenkundla yabo. 

Abanikazi be-Liverpool kanye ne-Manchester United, i-FSG kanye nomndeni wakwaGlazer bathengise amaqembu abo, kanti i-Reds ivulele ukuhlola kokuthengiswa okuyingxenye kweqembu lase-Merseyside.

UMartyn Ziegler umbhali omkhulu wezemidlalo kwi-The Times ubike ngoLwesibili ukuthi ukuthatha imali akukho kubona. Esikhundleni salokho uthi noma ikuphi ukutshalwa kwezimali okwenziwe iqembu le-Premier League kungenzeka kube kuncane kakhulu njengoba i-QSI ingafuni ukuthengisa ompetha base-France kulesi sigaba.

“I-Qatar Sports Investments inezinhlelo nezifiso ezinkulu, kodwa ayibhekile ukutshala imali eqenjini le-Man Utd noma ku-Liverpool okwamanje. Noma ikuphi ukutshalwa kwezimali kweqembu le-PL kungaba ingxenye encane njengoba kungekho zinhlelo zokuthengisa i-PSG, “kusho uZiegler ku-Twitter.

Isithombe esingenhla: UNasser Al-Khelaifi we-Qatar Sports Investments

Umthombo wesithombe: @eurofootcom

Izihloko zakamuva