Iyanda ingcindezi njengoba izibhedlela zase-Gauteng ziphelelwa imibhede

Everson Luhanga

Akuyona imfihlo leyo, uhulumeni wase-Gauteng ubhekene nobunzima bokunyuka  kwamanani abantu abatheleleke nge-Covid-19.

UMnyango Wezempilo e-Gauteng ukuqinisekisile lokhu: “Isibalo sabantu abalaliswa esibhedlela ngenxa ye-Covid-19 besilokhu sinyuka kuleli sonto eledlule kanti nezikhungo zingaphansi kwengcindezi.”

UKwara Kekana, okhulumela lo Mnyango, uthe: “Izinkampani ezizimele njengamanje zibhekele iningi lalabo abangeniswe ezibhedlela ngenxa ye-Covid-19.”

UKekana uthe selukhona uhlelo lokuphatha ukwabiwa kwemibhede yeziguli. Umnyango unikele ngemibhede ye-Covid-19 esekelwa yi-Live Covid-19 Bed Management Dashboard, esetshenziselwa ukuqapha ukusetshenziswa kwemibhede esifundazweni sonke.

“Okubekwe phambili kuhulumeni wesifundazwe kube ukufaka imibhede engapheli ohlelweni lwezempilo e-Gauteng, njengoba lokhu kungukutshalwa kwemali kwesikhathi eside,” engeza.

UDkt. uLouis Reynolds we-People’s Health Movement, oyingcweti yokunakekelwa kwezifo zabantwana osewathatha umhlalaphansi, uxwayise ngokuthi uma lesi sifunda sikhungatheka, sizoba nomthelela omubi emnothweni wezwe.

“Ngeshwa, kulokhu, abampofu nalabo abangenalutho yibona abazothinteka kakhulu kwezomnotho nangezinye izindlela,” esho.

UReynolds uthe yize igagasi lesithathu libikezelwe ngongoti, ukukhishwa kancane kwemithi yokugoma ezweni nakho kube nomthelela omkhulu ekukhuleni kwabantu abathelelekayo: “INingizimu Afrika ibilokhu ihamba phambili ekukhishweni kwemigomo edingeka kakhulu ezweni.”

“Abantu abaningi ezweni abakaze bagonywe okwenza kube nzima ukulwa nalolu bhubhane,” esho.

Umhlengikazi wasemtholampilo wendawo e-Soweto uthe yize egonyiwe, unovalo lokuthi igagasi lesithathu ngeke limeqe. “Kuyethusa kuthina abasebenzi abaphambili. Ingcindezi ilokhu ikhula njengoba kwesinye isikhathi sicelwa ukuthi sisize iziguli ezise-Chris Hani Baragwanath Hospital,” esho.

INingizimu Afrika ibike ukutheleleka kwabantu okusha okuyizi-5,552 kwe-Covid-19 ngoMsombuluko ngomhla ziyi-14 kuNhlangulana, okwenza inani eliphelele elibikiwe laya kweliyizi-1,752,630 njengoba i-Gauteng ibonakala iyisizinda sokuthelelana.

NgoMsombuluko abantu abayi-114 eNingizimu Afrika bashone ngenxa ye-Covid-19, okwenza isibalo safinyelela kwabayizi-57,879.

Izihloko zakamuva