Iyamangaza indlela umqeqeshi weBafana Bafana aselishintshe ngalo iqembu

Menzi Magubane

Kungenzeka yini ukuthi iqembu lesizwe seligcine limtholile umsindisi ebelimfuna yonke le minyaka? Ngabe uHugo Broos uyindoda ebuyisele iBafana Bafana esicongweni futhi ibe yiqembu elisatshwayo njengonyaka wezi-1996 ngesikhathi linqoba i-Afcon futhi belungiselela ukungenela iNdebe Yomhlaba ye-FIFA ngonyaka wezi-1999?

Kade ngangibuka iBafana Bafana ngaphansi kobuholi obusha bukaBroos futhi ngiyavuma ukuthi ngithathekile ngendlela enza ngayo umsebenzi wakhe.

Lo mqeqeshi wase-Belgium akanamahloni okukhuluma noma yini ayicabangayo futhi akagcinanga ngokuthola imiphumela emihle kuphela, kodwa uhlangothi nalo lubukeka lulusha futhi ludlala ibhola elihehayo.

Lokhu engikubonile emidlalweni emine yokuqala kaBroos, ngiyaqiniseka ukuthi iqembu lethu lisezandleni ezinhle. Akakaze ahlulwe okwamanje, njengoba esenqobe imidlalo emithathu wadlala ngokulingana kowodwa emidlalweni yokuhlungela iNdebe Yomhlaba ye-FIFA yonyaka wezi-2022 kuze kube manje.

Umehluko ngoBroos ukuthi akayena umuntu ovuma zonke izinto, ikakhulukazi ekusebenzeni nama-ejenti.

Abaqeqeshi beBafana Bafana abedlule bebesaba kakhulu ukulahlekelwa yimisebenzi yabo okuholele ekutheni basetshenziswe kalula yizithunywa zabadlali.

Ama-ejenti adlale enkulu indima ekucekeleni phansi iqembu lethu lesizwe kanye nebhola lasekhaya jikelele. Bathanda kakhulu ukwenza imali kunokukhathalela umdlalo.

UBroos, nokho, wasukuma wabatshela ukuthi ufuna ukwenza ngendlela yakhe. 

“Laba badlali nabaphathi babadlali bangimema ukuba ngiphuze ikhofi bangifundise ngabadlali babo. Bathanda kakhulu ukuvikela abadlali,” kusho uBroos.

“Anginaso isikhathi sabo. Uma beshaya ucingo, inkulumo ngeke ithathe ngisho imizuzwana eyishumi. Ngivala ucingo ngiphinde ngivale nokuxhumana. Leli akulona iqembu le-ejenti, kodwa iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.”

La ma-ejenti agcine iningi labaqeqeshi beBafana Bafana emaphaketheni abo iminyaka. Bebezoqinisekisa ukuthi abadlali babo bayangena eqenjini noma ngabe kufanele babe khona noma cha ukuze babathengise phesheya.

Mhlawumbe leli ithuba elibaluleke kakhulu eqenjini lesizwe, kanti futhi uBroos ngiyakholelwa kuye!

Umthombo wesithombe : @Safa.net

Izihloko zakamuva