Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
INkosi uBuyelekhaya Dalindyebo ithi ngeke ixolise ngemuva kokuthuka uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi kunomhlangano we-Economic Freedom Fighters.
INkosi yamemeza yathi “voetsek Cyril” yabiza abaholi abaphezulu be-African National Congress “ngabadayisi” ngesikhathi senkulumo yakhe eyasabalala ngokushesha.
Indodakazi yakhe ithi udinwe uganwe unwabu ngemuva kwezikhukhula ezibulale abantu abangaphezu kuka-100 zashiya abaningi bengenamakhaya ngesikhathi abaholi beye eholidini.
INkosi yabathembu uBuyelekhaya Dalindyebo ithi ngeke ixolise ngemuva kokuthuka uMengameli Cyril Ramaphosa nabanye abaholi be-African National Congress.
INkosi ikhulume emhlanganweni we-Economic Freedom Fighters e-Western Cape yabiza uMengameli Ramaphosa kanye noNdunankulu u-Oscar Mabuyane ngabadayisile futhi wahola abantu ekumemezeni “voetsek Cyril”.
Ividiyo yenkulumo yakhe isabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana.
Indodakazi yakhe, uNtando iphendulile ukuthi abeqonde ukuthini wonke amagama awashilo uyise.
“INkosi imile kukho konke ekusho kuleyo nkulumo,” kusho yena. “Usebenzise ulimi oluqinile, kodwa ngenxa yokuthi ubethukuthele kakhulu.”
Wachaza ukuthi igama elithi “voetsek” lisho “hamba” kanti elinye igama alisebenzisile, “mpundu”, lisho “izinqa” noma “amakhushini”.
Uthe iNkosi ibidinwe igane unwabu ngoba abantu basendaweni yayo bakhahlanyezwe kakhulu yizikhukhula. Abaningi balahlekelwa amakhaya abo, futhi kwashona abantu abangaphezu kwekhulu. Kodwa ngesikhathi kwenzeka lokhu, uMabuyane waya eholidini waphinde wenza umcimbi omkhulu kanokusho.
UNkosazana Ntando uthe iNkosi isizame kaningi ukukhuluma noRamaphosa sincenga uMabuyane kodwa akekho owalalela.
“Ngeke axolise, ubesebenzisa ilungelo lakhe lokukhuluma ngokukhululeka,” kusho yena.
Umholi we-African National Congress u-Andile Mini ubhalele inkosi incwadi evulelekile. Uthe lawa magama awehli kahle futhi akhombisa ukudelela, abantu abakulindele lokhu kumholi wendabuko.
Abanye abaholi bomdabu, okuhlanganisa noJingiso Mgudlwa, nabo bathi inkulumo yeNkosi ayehli kahle.
Imindeni emibili yasebukhosini, Amandungwana noHlanga, ifuna iNkosi ixolise emphakathini.
Kodwa umholi we-Economic Freedom Fighters uSimthembile Madikizela uyivikele iNkosi. Uthe iNkosi ilimele kakhulu ngendlela abantu abaphathwe ngayo ngemuva kwezikhukhula.
Esithombeni esingenhla: INkosi yabathembu uBuyelekhaya Dalindyebo kanye nomholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema.
Umthombo wesithombe: EFF
