Menzi Magubane
UMengameli we-Safa uDanny Jordaan kumele aphumele obala atshele umphakathi ukuthi ngempela kwenzekani ngomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
UBroos usenesikhathi eside ese-Belgium ezweni azalelwa kulo kanti kuze kwaduma nemibiko engakaqinisekiswa yokuthi usesulile njengo mqeqeshi weBafana.
I-Safa ikuchithile lokho, kodwa akukacaci ukuthi kungani uBroos engabuyi.
NgoNtulikazi iBafana idlale imidlalo engaphezu kwemithathu engekho uBroos.
UHelman Mkhalele nguyena obebambe izintambo ngesikhathi iBafana idlala ku-Cosafa Cup eThekwini ngoNtulikazi.
Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa uMkhalele ubesebhentshini nangesikhathi iqembu lesizwe lidlala umdlalo wokuhlungela i-African Nations Championship neComoros. IBafana yaphuma phambili kulowo mdlalo, kodwa kusasele imidlalo emibili abasazoyidlala.
I-Caf iyihlehlisele inyanga kaNdasa ngonyaka ozayo imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2023 ngaphandle kwalokho imidlalo yokuhlunga ngabe idlalwe ekuqaleni kukaMandulo.
Bekungajabulisa ukubona okwenzekile ukube i-Caf ayizange iyihlehlise imidlalo. Ngabe uMkhalele ubezophinde abambe izintambo yini?
UJordaan udinga ukuphumela obala. IBafana idinga umdlalo ngenyanga ezayo njengoba i-Fifa ivumela wonke amaqembu esizwe ukuthi adlale.
Kuyikhalenda le-Fifa futhi iBafana izodinga ukuthola umdlalo wobungani. Umbuzo uthi uBroos uzoba khona noma cha?
Jordaan sidinga izimpendulo kuwe.
Umphakathi udinga ukwazi. Ngabe uMkhalele uzophinde abambe yini uma i-Safa ikwazile ukuthola umdlalo wobungani.
Isizini entsha ye-DStv Premiership isiqalile kanti abadlali bazophinde badlale. Kafushane nje, kuzomele kubhekwe abadlali abenza kahle njengoba imidlalo isiqalile.
IBafana idinga umqeqeshi futhi uma uBroos engabuyi kufanele kutholakale omunye.